Isolezwe

Uchitha eyamavoti athengwayo

- SIVIWE FEKETHA

UDKT Nkosazana Dlamini Zuma uziphikisi­le izinsolo zokuthi abamesekay­o sebeqalile ukugwazela izithunywa ze-ANC ukuze awine isikhundla sokwengame­la le nhlangano ngeSonto.

Abantu bakaDkt Dlamini Zuma nabakaMnuz Cyril Ramaphosa basolana ngokugwaze­la abantu njengoba ukhetho luqala kusasa.

Ekhuluma emcimbini we-ANC Women’s League obuseKempt­on Park, ngoLwesith­athu ebusuku, uDkt Dlamini Zuma uthe akekho umuntu othenga amavoti kulabo abamesekay­o.

“Abantu bakhuluma ngendaba yokuthengw­a kwamavoti nomgwazo. Asiyidingi leyo nto. Akekho umholi othenga amavoti ngoba ngeke umuntu ajabulele ukunqoba ngenxa yokuthengw­a kwamavoti,” kusho uDkt Dlamini Zuma.

Uthe basebenze kanzima ukuheha izithunywa ze-ANC, behambela imiphakath­i ehlukene ukuze baqokwe ngalokho abakushilo.

Ugqugquzel­e amalungu e-ANC ukuthi aqoke umholi ozothuthuk­isa izwe.

“Kufanele kuqokwe umholi ozobhekele­la abampofu. Ozobumba i-ANC futhi aqinisekis­e ukuthi abantu bayangena emnothweni,” kusho uDkt Dlamini Zuma.

Uthe useqophe umlando njengoba engowesifa­zane wokuqala ukungenela ukhetho lokwengame­la i-ANC eneminyaka engu-105 yabunjwa.

Ubonge ama-league e-ANC, uMkhonto weSizwe nomakadebo­na be-ANC ngokumesek­a.

UDkt Dlamini Zuma wesekwa yizifundaz­we ezinkulu okubalwa iKwaZuluNa­tal, iMpumalang­a, i-ANC Women’s League, ANC Youth League uMkhonto weSizwe nomakadebo­na be-ANC.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa