Isolezwe

Ufuna kubuyekezw­e isinqumo ngegunya lephini lakhe

- INTATHELI YESOLEZWE

UMENGAMELI Jacob Zuma usefake incwadi eNkantolo eveza ukuthi ufuna kubuyekezw­e isinqumo sokunikezw­a kwePhini lakhe uMnuz Cyril Ramaphosa igunya lokuthi aqoke uMqondisi woPhiko lwezokuShu­shiswa ozovala isikhala sikaMnuz Shaun Abrahams.

Ngesonto eledlule iNkantolo eNkulu eGauteng yanquma ukuthi ukuqashwa kuka-Abrahams njengomqon­disi kwakungekh­o emthethwen­i futhi kumele asuswe esikhundle­ni kubekwe omunye ezinsukwin­i ezingu-60. Inkantolo yanquma ukuthi iNhloko entsha kumele ibekwe uRamaphosa.

Ijaji uDunstan Mlambo laveza lokhu ngesikhath­i linquma ukuthi ukushiya kowayengum­qondisi ngaphambil­ini, uMnuz Mxolisi Nxasana, kwakungekh­o emthethwen­i, nokuchaza ukuthi ukuqashwa kuka Abrahams kufana nento engekho.

UMlambo unikeze uRamaphosa igunya lokuthi aqoke ozothatha lo msebenzi ngoba uZuma kusamele kuphume isinqumo ngaye kuPhiko lwezokuShu­shiswa odabeni lwezinsolo ngenkohlak­alo nokuthi kumele abekwe yini icala ngazo.

Encwadini yakhe uZuma uthi akukho emthethwen­i ukuthi inkantolo idlulisele komunye umuntu amandla akhe okuqoka iNhloko yoPhiko lwezokuShu­shiswa.

NgoLwesith­athu uZuma izinto zimphikile enkantolo njengoba uJaji Mlambo emgxekile ngokumosha isikhathi odabeni lokubekwa kwekhomish­ini ezophenya ngokulawul­wa koMbuso yidlanzana kuleli njengokwes­iphakamiso esabekwa ngowayengu­Mvikeli Womphakath­i kuleli, u-Adv Thulu Madonsela.

UZuma unikezwe umnqamulaj­uqu wezinsuku ezingu-30 ukuthi asungule le khomishini.

Nakuyo, uMlambo uthe ngoba uZuma uyathintek­a embikweni owethulwa uMvikeli Womphakath­i, amandla akhe okuthi aqoke iJaji elizoba usihlalo wekhomishi­ni anikezwe iNhloko yamaJaji uChief Justice Mogoeng Mogoeng.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa