Usola abepolitiki ngokufa eGlebe
ISEKELA likaSihlalo wenhlangano ebhekelele inhlalo yabantu basemahostela eThekwini, uBunye baMahostela uMnuz Mthembiseni Thusi likhwele ladilika ezikhulwini zikahulumeni waKwaZulu-Natal, lathi zinesandla ekuchithekeni kwegazi ehostela laseGlebelands.
UThusi obethula ubufakazi kwiKhomishini kaMoerane ephenya ngokubulawa kwabantu okuhlobene nezombusazwe esifundazweni ebihleli eMgungundlovu izolo, uthe: “Ukuba osopolitiki baneqiniso, abenzi izinto ngoba befuna ukuzuza amavoti ngabe asizange sifinyelele ku-100, isibalo sabantu asebebulewe lapha eGlebelands.”
Uthe uhulumeni uhlulekile ukuxazulula eyaseGlebelands ngoba uyibheka ngepolitiki.
“Ngemuva kokufa komuntu wokuqala eGlebelands, uMnuz Zinakile Finca owashona esesiteshini samaphoyisa eSiphingo sahambela khona kule ndawo siyobheka ukuthi kwenzakani. Sathola ukuthi amaphoyisa athathe umufi ethi ayombuza ngendaba yesibhamu esingekho emthethweni. Kulona futhi udaba lukaFinca sezwa kukhulunywa nendaba yokudayiswa kwemibhede,” kusho uThusi.
Uthe babahlanganisa abantu baseGlebelands bababuza ngemibhede, wangabakhona ophumela obala ngayo.
“Kuqhubekile ukubulawa kwabantu saze sacela izinhlaka ezahlukene emphakathini kubalwa noMvikeli woMphakathi wangaleso sikhathi u-Advocate Thuli Madonsela ukuba zingenelele,” kusho uThusi.
Uthe baze bacela nondunankulu waKwaZulu, Inkosi Mangosuthu Buthelezi ukuba angenele, owaphakamisa ukuthi akuthintwe uMnuz Blessed Gwala noNdunankulu Willies Mchunu ukuba bahole umkhankaso wokuqeda isihlava.
“Ibile khona imihlangano ebiyenziwa kodwa kwasithusa ukuthi uGwala ubengabi yingxenye yaleyo mihlangano. Sasola ukuthi mhlawumbe le nto isifakwe ipolitiki, enye into eyenza ziqine izinsolo zenhlese yepolitiki ukuthi sacela ukuthi kungenele Isilo Samabandla kodwa lokho akuzange kwenzeke. Siyakholwa ukuthi ukuba uhulumeni uhlehlile kule ndaba wayekela Isilo kube yisona esiyilungisayo ngabe akufanga abantu abaningi kangaka,” kusho uThusi.
Uthe uhulumeni udlale ipolitiki ngempilo yabantu.
“Sithi Isilo ngabe kade sayilungisa lento, lokho sikususela ekutheni ngesikhathi kade kuhlaselwa abokufika uhulumeni uhlulekile ukukhuza kwaze kwaba oNgangezwe lakhe okhuzayo,” kuqhuba uThusi.
“Ukuba amaphoyisa nomkhandlu bawenze ngendlela umsebenzi wabo ngabe isheshe yanqandeka le nto. Esikushoyo kwafakazelwa nawu, Advocate Madonsela owathola ukuthi umkhandlu namaphoyisa abazange benze okwanele odabeni lwaseGlebelands,” kusho uThusi.
Uthe njengoba bekunezinsolo zokuthi ukubulalana eGlebelands kugqugquzelwa ukudayiswa kwemibhede, umkhandlu bekumele ungenele.
“Kanjalo namaphoyisa bekumele aziphenye ngokushesha izinsolo zokudayiswa kwemibhede kuboshwe abathintekayo,” kusho uThusi.
Ebuza uKhomishana Marumo Moerane ukuthi unalo yini ulwazi uThusi oluthi kukhona nephoyisa ebelinukeka ekubulaweni kwabantu eGlebelands, uthe ifikile kubona leyo nkulumo kodwa abukho ubufakazi obubambekayo ababuthola.
UThusi ukhale ngokuqedwa kwezibonda emahostela.
“Izibonda bezisiza kakhulu ekuqinisekiseni ukuthi ngobani abahlala ehostela kungelula ukuthi kuvele kufike umuntu azohlala kanti uwumbulali,” kusho uThusi.
Uphakamise ukuthi agezwe amahostela, uyakholwa ukuthi asagcwele insila yodlame lwezepolitiki olwaluphakathi kwe-IFP ne-ANC/UDF.