Isolezwe

Bayaveva ngezinyoka­nyoka eLamont

- PHILI MJOLI

UYAVEVA umphakathi waseLamont­ville ngabahlala emijondolo yakule ndawo abasolwa ngokuxhuma ugesi wezinyokan­yoka okuholela ekucisheni kowabo.

Umphakathi ohlala emgwaqweni uSomshuku, uthi alipheli isonto ugesi ukhanya kule ndawo ngenxa yezintambo zezinyokan­yoka ezixhunywe ezigxotshe­ni kulo mgwaqo.

Umphakathi uthi usuke wazama ukunqanda lo mkhuba ngokuthi unqamule izintambo kodwa zibuye zixhunywe.

UNksz Sibongile Mtshali oyilungu lomphakath­i uthe: “Asinalo ulwazi ngogesi kodwa ukucisha kwawo kuyasicasu­la ngoba kubolisa ukudla kwethu. Kuphela izinsuku eziningi silinde ukuthi kulungiswe isigubhu, okuthiwa siyasindwa. Sesike saya nasemahhov­isi kagesi siyocela ukuthi okungenani sibuyisele nganeno isigxobo, ukuze sisigade. Abasebenzi bakwamasip­ala abafikayo bathi abanawo amandla okwenza lokho,” kusho uNksz Mtshali.

Esinye isakhamuzi esingathan­danga ukudalulwa sithe abahlala emjondolo sebeke babasabisa ngoba bebize abakwamasi­pala. Sithe izimpahla zikagesi abaziseben­zisayo ziyalimala.

“Kamuva nje siye kumphathi wehhovisi likagesi e-Unit 10 nase-Unit 6 eChartswor­th. Kwathiwa akungene abantu ababili kube yibo abazochaza udaba. Sebeluchaz­ile kwathiwa akulula ukuthi kwenziwe ushintsho kugesi wethu ngoba thina sibhekelel­we yisifundaz­we. Asazi ukuthi lokhu kusho ukuthini ngoba ugesi siwuthenga kwamasipal­a kodwa uma sinenkinga kuthiwa kumele ilungiswe yisifundaz­we,” kusho isakhamuzi.

UNksz Tozi Mthethwa, okhulumela uMasipala weTheku, uthe umasipala ubhekene nengwadla yabantshon­tsha ugesi nezintambo zawo ezindaweni eziningi.

“Siyazama ukutshints­ha izintambo sifake ezinye okungelula ukuthi zintshonts­hwe kodwa kuyabiza. Asikwazi ukuzishint­sha zonke ngesikhath­i esisodwa. Ngasohlang­othini lokufakela abahlala emijondolo ugesi nakhona sinezingqi­namba zokuthi eminye imijondolo yakhiwe emhlabeni onabanikaz­i bawo.”

 ?? Isithombe: ZANELE ZULU ?? UNKSZ Sibongile Mtshali omunye wabahlali abakhathaz­ekile baseLamont­ville ekhombisa izintambo eziningi ezixhunywe ngokungemt­hetho ezisuka kwesinye sezigxobo
Isithombe: ZANELE ZULU UNKSZ Sibongile Mtshali omunye wabahlali abakhathaz­ekile baseLamont­ville ekhombisa izintambo eziningi ezixhunywe ngokungemt­hetho ezisuka kwesinye sezigxobo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa