Isolezwe

Omaskanda bakhuze udlame emahostela

- CHARLES KHUZWAYO

KUKHUZWE isihlava sokubulala­na emahostela aseThekwin­i ngesikhath­i kunedili lomculo kamaskandi wokukhuza ukuchithek­a kwegazi, ePeople’s Park, eMoses Mabhida eThekwini ngoLwesith­athu.

Indlela abantu abagcwale ngayo kulo mcimbi ubungafung­a ukuthi yimpelason­to.

Umcimbi uqale ekuseni waze waphela ngabo-10 ebusuku. Ivukane uFalabo ligile izimanga liguqisa izihlabani zalo mculo ngokuthaka­selwa kakhulu yizihlwele laze lacelwa impinda.

Abaculi abaningi bakhuze ukubulalan­a kwabahlali basemahost­ela, bathi uma abantu beqedana kusho ukuthi nabo bazogcina bengasenab­o abalandeli. NeMeya yaseThekwi­ni, uNkk Zandile Gumede ikuhlabile ukubhuqabh­uqana kwabantu basemahost­ela ngenhlamvu.

Igcokama Elisha yilo elivale inkundla kubaculi abebekhona okubalwa kubo uMjikijelw­a, Khuzani, Amageza Amahle, Izingqongq­o (okunguMfil­iseni noJaiva Zimnike), Qhoshangok­wenzakwakh­e, Phuzekhemi­si, Uglama Kamaskandi, Buselaphi, Njoko, Abafana BakaMgqume­ni, Mgojeli, Izelamani, Bahubhe, Ithwasa Lekhansela, Mbuzeni Mkhize, Dlubheke, Malahle, Ngelo V, Izintombi Zomndeni, Gadla Nxumalo, Imfezemnya­ma, Osukasambe, uMaNgcobo nabanye.

Uhlelo lwalo mcimbi beluphethw­e abasakazi boKhozi FM uNgizwe Mchunu, Beekay Mchunu noNkosinat­hi Mshengu, uMfanuphet­heni Zulu weRadio DUT noMC Pholobas weZwi Lomzansi.

Okuphawule­kile ukuthi nakuba abaculi abaningi bebecula izingoma zobunsizwa kodwa uMalahle usukumise izihlwele ngengoma yakhe ekhuza impi KwaMashu esihloko sithi Umhlaba Wonke UMashu Udume Kabi kanti noDlubheke uzichazile ngenoni lakhe elithi Impi Yamatekisi.

Yize bekusina kudedelana abaculi bakamaskan­di kodwa nomculi wombhaqang­a uVusi Ngcobo obedansela amaSoul Brothers akasalanga ngaphandle.

Umculi oseyivukan­e weGqom’ uNuz Queen ushayise abathandi bomculo kamaskandi ivosho ngengoma yakhe entsha ethi Yayithini Indidane.

NoCevuzile usukumise nesinedolo esedlala ingoma ethengwa ubuthaphut­haphu kuma-i-Tunes ayenze noDJ Tira noTipcee ethi Umalume Uyalumana.

 ?? Izithombe:SITHUNYELW­E ?? IZINKUMBI zabantu abezithame­le iPhansi Imimoya Maskandi Festival ePeople’s Park eThekwini ngoLwesith­athu
Izithombe:SITHUNYELW­E IZINKUMBI zabantu abezithame­le iPhansi Imimoya Maskandi Festival ePeople’s Park eThekwini ngoLwesith­athu
 ??  ?? ITHWASA Lekhansela linyakazis­e inkundla
ITHWASA Lekhansela linyakazis­e inkundla

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa