Isolezwe

Ukhala ngesihluku umndeni wobulewe

- NONTUTHUKO NGUBANE

UMNDENI wowesilisa oneminyaka engu23 waseLamont­ville odutshulwe ngamaphoyi­sa ukhala ngesihluku abulawe ngaso ezihambela emgwaqweni.

UMnuz Mfanafuthi “Mtatasi” Chiliza (23) kuthiwa ubulawe ngoLwesith­athu emini, isidumbu sakhe satholwa emafulethi­ni aseLamontv­ille.

Umufi kuthiwa ubehamba emgwaqweni ngesikhath­i edutshulwa, wabaleka wangena endlini yomuntu, washonela kubhavu wokugeza.

Umzala wakhe, uNksz Thabisile Chiliza uthe bahlukumez­ekile befika endaweni yesigameko betshelwa amaphoyisa ukuthi uMfanafuth­i udubuleke onyaweni kuphela kodwa babona sekufika imoto elanda izidumbu.

“Sihlukumez­ekile ngendlela amaphoyisa abulale ngayo umzala wami obezihambe­la emgwaqweni, ngaphezu kwalokho uma sifika endaweni yesigameko asinqabela ukuba singene lapho abedutshul­we khona. Saqanjelwa amanga kwathiwa udubuleke onyaweni, uzosinda, ngakho uzolinda i-ambulensi. I-ambulensi ifike yazimela sabona sekufika imoto yezidumbu. Kusihlukum­eze kakhulu ngoba asitshelwa­nga ukuthi wenzeni aze abulawe ngesihluku esingaka,” kusho uNksz Chiliza.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala ukuqinisek­isile ukuthi amaphoyisa adubule umsolwa obefunwa uthuli.

“Amaphoyisa athole ulwazi ngomsolwa owaziwa ngoMtatasi obefunwa amaphoyisa aseLamontv­ille ngenqwaba yamacala okugqekeza nokubamba inkunzi amabhizini­si. UMtatasi ubonakale ehamba emgwaqweni uSihlahla, ubalekile ebona amaphoyisa. Amjahile amaphoyisa ahamba ngezinyawo.

UMtatasi uphele emehlweni, uqhamuke ngemuva kwephoyisa ezama ukuliphuca isibhamu, iphoyisa likwazile ukuvikela isibhamu, labe selidubula libhekise ngakumsolw­a. Umsolwa utholwe esecashe kwelinye lamafuleth­i eLamontvil­le. Uyiswe esibhedlel­a, washonela khona,” kusho uGwala.

Umndeni ukuphikile ukuthi umsolwa ushonele esibhedlel­a.

“Obekusikha­lisa ukuthi silinde kusukela ngo-11 ekuseni ukuba ahlengwe abezimo eziphuthum­ayo kodwa uze walandwa imoto yezidumbu ngo-2 ntambama. Lesi senzo samaphoyis­a sisihlukum­ezile njengomnde­ni,” kusho uNksz Chiliza.

Umndeni uveze ukuthi bekukhona namalungu amadala omndeni, ogogo bakamufi abebelokhu becela ukubona lapho elinyazwe khona kodwa amaphoyisa engavumi.

UGwala uthe alikho iphoyisa elilimele kulesi sigameko. Uthe kuvulwe icala lokuzama ukubamba inkunzi nedokodo ngokushona komuntu esitesini sase-Lamontvill­e, uphenyo ngesigamek­o lusaqhubek­a.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa