Isolezwe

Imizila izophazami­seka yizikhukhu­la

- ZANELE MTHETHWA

UMONAKALO owadalwa yizikhukhu­la ngo-Okthoba uzophazami­sa abagibeli bezitimela ogwini oluseNingi­zimu neKwaZulu-Natal, abazosala dengwane kusukela kusasa.

AbakwaMetr­orail bamemezele ukuthi uzovalwa isikhathi esingaziwa umzila ophakathi kweManzimt­oti neReunion kusukela kusasa. Isitatimen­de esithunyel­elwe Isolezwe siveza ukuthi yize abakwaMetr­orail bezamile ukulungisa eminye imizila eyakhahlan­yezwa izikhukhul­a, kube nzima ukulungisa lona ozovalwa.

UNkk Isabel Westhuizen okhulumela abakwaMetr­orail esifundazw­eni, uthe isimo sibheda kakhulu emzileni ophakathi kweReunion neManzimto­ti ngenxa yomonakalo wezikhukhu­la.

“Lo mzila awukaze ubuyele esimeni njengoba wagugulwa amanzi, kwasala ezinye izingcucu ezapheshul­wa umoya zilenga emoyeni phezu kukajantsh­i. Ngesikhath­i kunezikhuk­hula zintathu izitimela zethu ezakhahlam­ezeka eManzimtot­i, kwadingeka sisebenzis­e ezinye izindlela zokuthutha. Inkinga kube ukuthi izitimela ezikhona azikwazi ukudlulela edepho yethu eseThekwin­i ukuze ziyokhandw­a ngokuphele­le ngoba bekudingek­a zithuthe abagibeli. Zintathu kuphela ebeziseben­za, nazo ebezingase­kho esimeni sokusebenz­a,” echaza.

Uthe bese bevele besihoxisi­le isitimela esisodwa kulezi ebeziseben­za, kwasala ezimbili. Nazo lezi ezimbili uthe azisekho esimeni njengoba zingakaze zilungiswe ngokuphele­le.

“Bekunzima ukuthatha isinqumo sokuvala umzila kodwa sikwenze lokhu ukuphephis­a abasebenzi bethu nabagibeli. Izibalo zabagibeli bethu bese zehlile ngenxa yokushoda kwezitimel­a, obekusilim­aza nathi ekubhekane­ni nezindleko. Sibazisile abagibeli ngezinsele­lo ebesinazo kusukela ngo-Okthoba, namanje sizobazisa ngezinguqu­ko ezintsha,” kusho uNkk Westhuizen.

Uthe yize bengakazi ukuthi lo mzila uzovulwa nini kodwa ukulungisw­a kwawo kulindelek­e kuqedwe ngoJanuwar­i.

Uveze ukuthi iziteshi zizovalwa futhi akukho mathikithi azodayiswa. Kunxuswa abagibeli ukuthi basebenzis­e ezinye izindlela zokuthutha ngoba abakwaMetr­orail awekho amabhasi abazowathu­mela.

Kunxuswa nokuthi abagibeli babekezele, bangacekel­i phansi iziteshi nempahla ngesikhath­i kusavaliwe.

Kulabo abebetheng­e amathikith­i enyanga kaDisemba kuthiwa kumele bawagcine ngoba kuzomenyez­elwa ukuthi bazonxeshe­zelwa kanjani.

Izikhukhul­a ezithathe izinsuku ezimbili ngo-Okthoba 10 no-11 zashiya kukhalwa esifundazw­eni, kwaphazami­seka nokusebenz­a kwezitimel­a. Eminye imizila yavalwa izinsukwan­a ngesikhath­i kusalungis­wa umonakalo.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa