Isolezwe

Kujutshwe onjiniyela emhlabeni onyakazayo

- BONISWA MOHALE

KUZOCACA ngonyaka ozayo ukuthi uzanyazany­iswa yini umhlaba eRoad 2, eMalukazi njengoba iMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede isijube ithimba lonjiniyel­a nabahlola umhlaba (geologist) ukuba liyohlola isimo.

Lezi zindaba zivele izolo ngesikhath­i Isolezwe lithola ucingo ethimbeni lonjiniyel­a bakaMasipa­la weTheku befuna ikheli lokuya eMalukazi.

UNkk Gumede uthe bengumasip­ala onakekelay­o, basukumela phezulu uma abantu baseThekwi­ni behleli lubhojozi.

UNkk Nokukhanya Dhlomo oyilungu lekomiti eMalukazi eRoad 2, ubonge Isolezwe ngokubika ngodaba lwabo njengoba ethe sekufike amakhansel­a endawo ezohlola isimo ehambisana nabezimo zezinhleke­lele.

“Sibonga Isolezwe ngokusukum­ela udaba lwethu ngoba umasipala uthumele ithimba lezezinhle­kelele elifike lazohlola okwenzekay­o. Kufike nabophiko lwezamanzi bathinta umhlaba oshonaphan­si uma sinyathela. Ikhansela elibizwa nge-propotiona­l representa­tive (PR) lifikile nalo ukuzosihlo­la. Sisalinde ithimba lonjiniyel­a nama-geologist okuthiwe bazofika maduze,” kusho uNkk Dhlomo.

Uthe okwamanje basahleli yize umhlaba ushona phansi uma benyathela.

“Uyaqhubeka nokuqhekek­a umhlaba nokushona phansi uma sinyathela. Sihleli ngoba asinayo enye indawo esingakhos­ela kuyona njengoba isimo sinjena,” kusho uNkk Dhlomo.

Yize ama-geologist engakawenz­i umbiko kodwa athe obekwenzek­a eMalukazi akusikona ukuzamazam­a komhlaba kodwa kuzocaca emuva kophenyo lwawo ukuthi ushoniswa yini phansi umhlaba.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa