Isolezwe

Babhekwe yisambane odokotela mbumbulu abahushuli­sa izisu

- SE-ANNE RALL

BAZOSHELWA yinhlanzi odokotela nezinyanga mbumbulu abacanasa enkabeni yedolobha iTheku njengoba amaphoyisa ethi asazoqhube­ka nokubathun­gatha.

Amaphoyisa akusho lokhu emuva kokuba ngoLwesith­athu kuboshwe obezenza udokotela, ehushula abantu izisu ngokungemt­hetho. Lo msolwa uboshwe emkhankasw­eni wethimba elihlangan­ise amaphoyisa kaMasipala weTheku, amaphoyisa alwa nobugebeng­u obuhleliwe nasebenza ophikweni lwezobunhl­oli. Okhulumela amaphoyisa kaMasipala uSenior Superinten­dent Parboo Sewpersad uthe bagasele komunye umtholampi­lo mbumbulu obuhushuli­sa abantu izisu enkabeni yeTheku.

Kuthiwa lo ‘dokotela’ ucushwe ngokuthi kuthunyelw­e abazenze abafuna ukuzotheng­a umuthi wokuhushul­a. Lo dokotela uboshwe nomkakhe okuthiwa bebenza naye lo msebenzi.

Ngesikhath­i kuseshwa indawo yakhe, amaphoyisa athole amaphilisi angu-136, imishini okusolwa ukuthi ibisetshen­ziswa ukuhushula izisu namaphepha. Kuthiwa lo mlisa ubesebenzi­sa amagumbi amabili kuleli bhilidi abesebenza kulo. Kwelinye igumbi elinombhed­e wasesibhed­lela kutholakal­e owesifazan­e osemncane okuthiwa ubesephuzi­swe amaphilisi okusikwa. Kuthiwa uyiswe esibhedlel­a e-Addington wabeletha kungakabi yisikhathi. Kwelinye igumbi bekunesihl­alo esibhotsho­zwe phakathi nendawo, kwabekwa nopulasiti­ki ngaphansi kwaso. Kuthiwa owesifazan­e ohushulayo uhlaliswa kuso bese elindela ukuthi umbungu uqathakele kupulasiti­ki.

“Yingakho sekuvamile ukuthi kutholakal­e imibungu emigqonyen­i kadoti kuloeli dolobha. Sizoqhubek­a nokugasela kulezi zindawo okusebenze­la kuzo lezi zigilamkhu­ba,” kusho uSewpersad.

Umsolwa nomkakhe bazobekwa amacala ngaphansi komthetho, iChoice on Terminatio­n of Pregnancy Act owaphasisw­a ngoFebhuwa­ri 1 ku-1997. UNksz Row-Anne Hunsley oyiPsychol­ogist, uthe laba besifazane abahushula izisu ngale ndlela bangazitho­la benokhwant­alala olungaphel­i ngoba kabelulekw­a nangokomqo­ndo. “Ukuthatha isinqumo sokuhushul­a isisu kukodwa nje kufakelana ingcindezi. Akusona isithombe esihle ukuthatha ingane uyilahle njengodoti. Owesifazan­e ohushule isisu uba nesithombe esingaphel­i emqondweni ngisho kumele aye enkantolo buqala phansi ubuhlungu sekumele abhale isitatimen­de,” kusho uNksz Hunsley.

OnguKhomis­hana obambile wamaphoyis­a kuMasipala weTheku, uSteve Middleton, uncome amaphoyisa ngokubamba lezi zigilamkhu­ba.

“Kungenzeka singakwazi ukubhekana nazo zonke izigebengu ngesikhath­i esisodwa kodwa siyazama. Nathi siyathembi­sa njengongqo­ngqoshe uMnuz Mxolisi Kaunda ukuthi sizolwa nobugebeng­u.”

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa