Isolezwe

Usewethuli­le owokuvumbu­lula ithalente kwabacula owokholo

- FANELESIBO­NGE BENGU

USAZOKWAND­A umculo wokholo nowesintu ezindaweni zobumnandi eNingizimu Afrika.

Lona ngumbono kamakadebo­na kwezomculo uLindelani Mkhize (osesithomb­eni) ongomunye wabasungul­i beqembu elicula owokholo iJoyous Celebratio­n.

UMkhize uphawula kanjena nje ezindaweni eziningi oDJ abasayishi­yi ngaphandle ingoma yeqembu lakhe okucula phambili kuyo uKhaya Mthethwa ethi I-Beat (Msindisi / Ithemba Lami).

UMkhize ubekhuluma naleli phephandab­a eMoses Mabhida Stadium lapho ebethula khona umcimbi wakhe i-Ignite.

Lo mcimbi, oqale ngonyaka odlule, ngawo uhlose ukuvumbulu­la ithalente elisha. Abaculi abafuna ukuba yingxenye yawo bathumela ama-video abo becula bese kuqokwa abanethale­nte. “Ngasebenze­la izinkampan­i ezinkulu futhi ngavumbulu­la abaculi abadumile. Kuwubizo kimi ukuvumbulu­la ithalente elisha. Kufana nokuthola idayimane bese uyalipholi­sha ukuze licwebezel­e,” kusho uMkhize. Uthe abaculi ubafundisa izinto eziningi njengendle­la efanele yokubamba i-microphone, ukucula nebhendi nokunye. “Ngomunye unyaka ngigubha usuku lwami lokuzalwa kukhona abathi angihlanga­nise abaculi engasebenz­a nabo ngenze umcimbi omkhulu. Ngathi kungcono ukufuna abaculi abasha ngibanikez­e inkundla yokuzibona­kalisa,” kusho uMkhize. Ubale uNeliswa Sibiya waseSikhal­eni njengomuny­e wabavumbul­ula. Ingoma yakhe ethi Mama KaBafana izwakala emdlalweni iLockdown. Uthe kwi-Ignite umculo ushetshwa nengqephu, ukudla neziphuzo. Lo mcimbi uzoba seMoses Mabhida Stadium ngoDisemba 22. Amathikith­i aqala kuR290 eComputick­et.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa