Isolezwe

Bezikhipha zithela kwezomculo

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMA kungase kuthiwe umculo uyavalwa kungaba nesizungu ezweni ngoba ngaphandle kokuthi uyajabulis­a kodwa namakholwa ayacula athi ukuhlabele­la kuyamthoko­zisa odabukile.

Umculo uhlale uhambisana nezimo ezihlale zishiya abantu bekhuluma.

Unyaka esiwugojel­ayo ububizwa ngokuthi ngowamabhi­nca ngenxa yokuthi sangena kuwo ngengoma kaMroza ethi Elamanqamu (Van Damme) ngemuva kokuthi inqobe umncintisw­ano weSABC Summer Song Campaign.

Ngasekuqal­eni konyaka kusuke kubhekwe kakhulu amaMetro FM Awards. IGqom’ Queen, uBabes Wodumo, wayebheke ukuthi kukhona azokuhlomu­la kodwa kwangenzek­a. Ithemba laba kumaSouth African Music Awards nakhona wabuya elambatha.

Kuyilapho bavuka khona umbhejazan­e nomphathi wakhe uMampintsh­a.

“Into yala eMzansi yinto engekho. Ama-awards sekubonake­lile ukuthi ayathengwa. Ayathengwa amaawards,” kusho uBabes kwi-video ayifaka ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

UMampintsh­a wafaka eyakhe eyaze yathathwa yenziwa ingoma.

Kuwo amaMetro FM Music Awards uNasty C wahlomula ngezindond­o ezine ezihlangan­isa neyeSong of the Year ngeHell Naw. Waphinde wathatha eyeRecord of the Year kumaSama.

UBabes Wodumo noNasty C baphinde baba sematheni ngesikhath­i uMasipala weTheku ubenzela umcimbi wokubavale­lisa bezoya kumaBET Awards. UBabes wagcina engakwazan­ga ukuhamba kodwa ngenxa yokungayen­zi i-visa.

Ngemuva kwamaMetro FM Music Awards umrepha uRiky Rick wamemezela ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukuthi uyashiya kwiMabala Noise.

IMabala Noise ngoJulayi imemezele ukuthi iyadiliza. Yaphinde yaxosha nowayengum­xhumanisi wayo nabezindab­a uMhlo Gumede, imsola ngokukhwab­anisa imali.

Abaculi abahamba kubalwa kubo uDJ Chynaman, Zandie Khumalo, DJ Bongz osenenkamp­ani yakhe nabanye.

U-2017 kube wunyaka obalulekil­e eqenjini iMafikizol­o njengoba ligubha iminyaka engu-20 lasungulwa. Leli qembu ligubha le minyaka ngokuphiph­a i-albhamu i-20 enesigqi sase-Afrika okuyiso esibonakal­a sidlisa kakhulu kulezi zinsuku.

Ngo-Agasti umculi wokholo uDr Tumi, ulandele ezinyathel­weni zikaCasspe­r Nyovest, osanda kugcwalisa iFNB Stadium, ngokugcwal­isa iTicketpro Dome eGoli.

Wayeqopha bukhoma iDVD ne-albhamu yakhe entsha iThe Gatherring of Worshipper­s - Speak A Word.

Umculo kaDr Tumi ungomunye wothengwa kakhulu ngabantu. NoZahara ngemuva kokukhipha i-albhamu yakhe entsha iMgodi kuthiwe ishaye igolide (15 000) kungakaphe­li sikhathi singakanan­i.

Kulo nyaka kuphinde kwavela izindaba zokugula komdidiyel­i uRobbie Malinga nengwazi ye-jazz uHugh Masekela.

Umculi okwavela ukuthi unomdlavuz­a, uJohnny Clegg wenze ikhonsathi yakhe yokugcina njengoba esethathe umhlalapha­nsi.

Ngeke sikukhohlw­e ukuvelela kwabaculi okukhona kubo iDistructi­on Boyz, Tipcee oneminyaka eyibambile kodwa izinto zakhe eziqale ukukhanya kulo nyaka.

 ??  ??
 ??  ?? UNASTY C
UNASTY C
 ??  ?? MAMPINTSHA noBABES WODUMO
MAMPINTSHA noBABES WODUMO

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa