Ingqungquthela ye-ANC isibekelwe yifu lezinselelo
KUSASA kuzoqala ingqungquthela yokukhetha ubuholi obusha be-ANC nokungeka-54. Nakuba bekhona nabanye kodwa umbango wesikhundla sokuba ngumengameli we-ANC uphakathi kukaMnuz Cyril Ramaphosa noDkt Nkosazana Dlamini Zuma.
Bobabili banomlando kwi-ANC. Cishe lena iyona ngqungquthela kaKhongolose ezobe ibhekwe ngabomvu kunazo zonke eseke zaba khona kusukela le nhlangano yadla umhlanganiso ngo-1994.
Ngisho nengqungquthela yasePolokwane ngo2007 izinto zazingemapeketwane ngale ndlela eziyiyo manje.
Kuyiqiniso ukuthi okwenzeka manje kwi-ANC, umsuka wako yingqungquthela yasePolokwane kodwa uqhekeko olukhona manje alukaze lube khona futhi akekho ongasho ngeqholo phakathi kukaRamaphosa noDkt Dlamini Zuma ukuthi uma enqoba eNasrec uzokwazi ukubumba inhlangano.
Kuphele isikhathi abaholi be-ANC bephika eyoqhekeko enhlanganweni bethi ukungaboni ngasolinye kwamaqabane yinto ejwayelekile uma kukhankaswa. Kodwa ekuqaleni kwalo nyaka, kushintshile lokhu njengoba ngisho enkulumeni yokucaba unyaka ngoJanuwari 8, uMengameli Jacob Zuma agxila enselelweni yoqhekeko ngoba sekucacela noma ngubani ukuthi uma kukhona into eyingozi kule nhlangano yilena yokuhlukana phakathi kwamalungu ayo kubangwa izikhundla.
Imibango eqhubekayo ezinkantolo ezahlukene lapho kuphikiswa khona imiphumela yezingqungquthela zobuholi bezifundazwe ingenye yezinkomba zokuthi sekonakele kanjani phakathi kwamalungu e-ANC.
Ukuhlakazwa kwezinye zezifunda ngezizathu ezingaqondakali nokuputshuka kwezindaba zokuphinga kwabanye abaholi bale nhlangano nakho kucacisile ukuthi kuliwa nanoma ngabe iyiphi indlela engasetshenziswa ngaphambi kwengqungquthela.
Siyathemba ukuthi la maqhinga okudicilelana phansi ngeke adlulele endleleni okuzovotwa nokuzobalwa ngayo amavoti. Ukuvota nokubalwa kwamavoti kumele kwenziwe ngobuqotho nangokuthembeka futhi abazohlulwa bayamukele imiphumela. Kozokhethwa nazobambisana nabo, sengathi angazinikela ekubumbeni inhlangano ukuze kuphele ukuklwebhana, wonke umuntu agxile ekusebenzeleni abantu abakhetha i-ANC.