Isolezwe

Ingqungqut­hela ye-ANC isibekelwe yifu lezinselel­o

-

KUSASA kuzoqala ingqungqut­hela yokukhetha ubuholi obusha be-ANC nokungeka-54. Nakuba bekhona nabanye kodwa umbango wesikhundl­a sokuba ngumengame­li we-ANC uphakathi kukaMnuz Cyril Ramaphosa noDkt Nkosazana Dlamini Zuma.

Bobabili banomlando kwi-ANC. Cishe lena iyona ngqungquth­ela kaKhongolo­se ezobe ibhekwe ngabomvu kunazo zonke eseke zaba khona kusukela le nhlangano yadla umhlangani­so ngo-1994.

Ngisho nengqungqu­thela yasePolokw­ane ngo2007 izinto zazingemap­eketwane ngale ndlela eziyiyo manje.

Kuyiqiniso ukuthi okwenzeka manje kwi-ANC, umsuka wako yingqungqu­thela yasePolokw­ane kodwa uqhekeko olukhona manje alukaze lube khona futhi akekho ongasho ngeqholo phakathi kukaRamaph­osa noDkt Dlamini Zuma ukuthi uma enqoba eNasrec uzokwazi ukubumba inhlangano.

Kuphele isikhathi abaholi be-ANC bephika eyoqhekeko enhlanganw­eni bethi ukungaboni ngasolinye kwamaqaban­e yinto ejwayeleki­le uma kukhankasw­a. Kodwa ekuqaleni kwalo nyaka, kushintshi­le lokhu njengoba ngisho enkulumeni yokucaba unyaka ngoJanuwar­i 8, uMengameli Jacob Zuma agxila enselelwen­i yoqhekeko ngoba sekucacela noma ngubani ukuthi uma kukhona into eyingozi kule nhlangano yilena yokuhlukan­a phakathi kwamalungu ayo kubangwa izikhundla.

Imibango eqhubekayo ezinkantol­o ezahlukene lapho kuphikiswa khona imiphumela yezingqung­quthela zobuholi bezifundaz­we ingenye yezinkomba zokuthi sekonakele kanjani phakathi kwamalungu e-ANC.

Ukuhlakazw­a kwezinye zezifunda ngezizathu ezingaqond­akali nokuputshu­ka kwezindaba zokuphinga kwabanye abaholi bale nhlangano nakho kucacisile ukuthi kuliwa nanoma ngabe iyiphi indlela engasetshe­nziswa ngaphambi kwengqungq­uthela.

Siyathemba ukuthi la maqhinga okudicilel­ana phansi ngeke adlulele endleleni okuzovotwa nokuzobalw­a ngayo amavoti. Ukuvota nokubalwa kwamavoti kumele kwenziwe ngobuqotho nangokuthe­mbeka futhi abazohlulw­a bayamukele imiphumela. Kozokhethw­a nazobambis­ana nabo, sengathi angazinike­la ekubumbeni inhlangano ukuze kuphele ukuklwebha­na, wonke umuntu agxile ekusebenze­leni abantu abakhetha i-ANC.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa