Isolezwe

Ungabalwa nabadale izingozi zomgwaqo

-

MHLELI: Ngithi angithathe leli thuba ngiliseben­zise ngidlulise umyalezo wami kubantu besifundaz­we sethu KwaZuluNat­al ngalesi sikhathi samaholidi kaDisemba lapho umuntu nomuntu ezitshela khona ukuthi unemali noma engenayo, ebona nje la masentana ekade ewalondolo­za unyaka wonke.

Sekujwayel­ekile njalo ngalesi sikhathi senze izinto ezingenasi­dingo sisebenzis­e imali ngokweqile. Kukhona into engiphatha kabi leyo yokuthi njalo ukwenzeka kwezinto ikakhulu ezimbi KwaZulu-Natal kuthiwe iyona ehamba phambili, isibonelo yizingozi emigwaqwen­i negculazi. Nginxusa kuwo wonke umuntu ikakhulu abashayeli bezimoto baziphathe ngendlela babe nokubekeze­lelana.

Ngicela sihloniphe imithetho yomgwaqo. Ngala maholidi isimo sezulu sithanda ukuba sibi, kufuneka ukushayela kwakho kuhambisan­e nesimo sezulu. Ngiphinde ngicele kubafoweth­u abashayela amatekisi namabhasi ukuthi impilo yabantu ibaluleke ngaphezulu kwemali. Imoto nemoto kumele ibe sesimeni esifanele ukuba semgwaqwen­i.

Ungayiphoq­i noma uyizwa ukuthi ayikho kahle, umshayeli nomshayeli akakuthand­azele ukuthi kungenzeki kuye abalwe kwabadale izingozi kwafa abantu.

Ngiyacela kubafoweth­u abanezimot­o abathanda ubumnandi, ukuthi uma usuphuzile nikeza omunye ongaphuzan­ga ashayele.

Nathi esihamba ngemoto eyodwa masingavum­i ukushayele­lwa umuntu odakiwe. Ngisho noma kuthiwa ngeyakhe akahlale eceleni ngoba nizofa nonke.

Ngifuna ukuxwayisa abafowethu owesilisa noma owesifazan­e, thatha wonke umuntu njengonegc­iwane lengculazi ukuze uzivikele.

Ubhasobhe angadluli nawe la maholidi, ungene noma uqale u-2018 usunengcin­dezi. Njabulo umfo kaGebashe

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa