Babhekwe yisambane odokotela mbumbulu abahushulisa izisu
BAZOSHELWA yinhlanzi odokotela nezinyanga mbumbulu abacanasa enkabeni yedolobha iTheku njengoba amaphoyisa ethi asazoqhubeka nokubathungatha.
Amaphoyisa akusho lokhu emuva kokuba ngoLwesithathu kuboshwe obezenza udokotela, ehushula abantu izisu ngokungemthetho. Lo msolwa uboshwe emkhankasweni wethimba elihlanganise amaphoyisa kaMasipala weTheku, amaphoyisa alwa nobugebengu obuhleliwe nasebenza ophikweni lwezobunhloli. Okhulumela amaphoyisa kaMasipala uSenior Superintendent Parboo Sewpersad uthe bagasele komunye umtholampilo mbumbulu obuhushulisa abantu izisu enkabeni yeTheku.
Kuthiwa lo ‘dokotela’ ucushwe ngokuthi kuthunyelwe abazenze abafuna ukuzothenga umuthi wokuhushula. Lo dokotela uboshwe nomkakhe okuthiwa bebenza naye lo msebenzi.
Ngesikhathi kuseshwa indawo yakhe, amaphoyisa athole amaphilisi angu-136, imishini okusolwa ukuthi ibisetshenziswa ukuhushula izisu namaphepha. Kuthiwa lo mlisa ubesebenzisa amagumbi amabili kuleli bhilidi abesebenza kulo. Kwelinye igumbi elinombhede wasesibhedlela kutholakale owesifazane osemncane okuthiwa ubesephuziswe amaphilisi okusikwa. Kuthiwa uyiswe esibhedlela e-Addington wabeletha kungakabi yisikhathi. Kwelinye igumbi bekunesihlalo esibhotshozwe phakathi nendawo, kwabekwa nopulasitiki ngaphansi kwaso. Kuthiwa owesifazane ohushulayo uhlaliswa kuso bese elindela ukuthi umbungu uqathakele kupulasitiki.
“Yingakho sekuvamile ukuthi kutholakale imibungu emigqonyeni kadoti kuloeli dolobha. Sizoqhubeka nokugasela kulezi zindawo okusebenzela kuzo lezi zigilamkhuba,” kusho uSewpersad.
Umsolwa nomkakhe bazobekwa amacala ngaphansi komthetho, iChoice on Termination of Pregnancy Act owaphasiswa ngoFebhuwari 1 ku-1997. UNksz Row-Anne Hunsley oyiPsychologist, uthe laba besifazane abahushula izisu ngale ndlela bangazithola benokhwantalala olungapheli ngoba kabelulekwa nangokomqondo. “Ukuthatha isinqumo sokuhushula isisu kukodwa nje kufakelana ingcindezi. Akusona isithombe esihle ukuthatha ingane uyilahle njengodoti. Owesifazane ohushule isisu uba nesithombe esingapheli emqondweni ngisho kumele aye enkantolo buqala phansi ubuhlungu sekumele abhale isitatimende,” kusho uNksz Hunsley.
OnguKhomishana obambile wamaphoyisa kuMasipala weTheku, uSteve Middleton, uncome amaphoyisa ngokubamba lezi zigilamkhuba.
“Kungenzeka singakwazi ukubhekana nazo zonke izigebengu ngesikhathi esisodwa kodwa siyazama. Nathi siyathembisa njengongqongqoshe uMnuz Mxolisi Kaunda ukuthi sizolwa nobugebengu.”