Bezikhipha zithela kwezomculo
UMA kungase kuthiwe umculo uyavalwa kungaba nesizungu ezweni ngoba ngaphandle kokuthi uyajabulisa kodwa namakholwa ayacula athi ukuhlabelela kuyamthokozisa odabukile.
Umculo uhlale uhambisana nezimo ezihlale zishiya abantu bekhuluma.
Unyaka esiwugojelayo ububizwa ngokuthi ngowamabhinca ngenxa yokuthi sangena kuwo ngengoma kaMroza ethi Elamanqamu (Van Damme) ngemuva kokuthi inqobe umncintiswano weSABC Summer Song Campaign.
Ngasekuqaleni konyaka kusuke kubhekwe kakhulu amaMetro FM Awards. IGqom’ Queen, uBabes Wodumo, wayebheke ukuthi kukhona azokuhlomula kodwa kwangenzeka. Ithemba laba kumaSouth African Music Awards nakhona wabuya elambatha.
Kuyilapho bavuka khona umbhejazane nomphathi wakhe uMampintsha.
“Into yala eMzansi yinto engekho. Ama-awards sekubonakelile ukuthi ayathengwa. Ayathengwa amaawards,” kusho uBabes kwi-video ayifaka ezinkundleni zokuxhumana.
UMampintsha wafaka eyakhe eyaze yathathwa yenziwa ingoma.
Kuwo amaMetro FM Music Awards uNasty C wahlomula ngezindondo ezine ezihlanganisa neyeSong of the Year ngeHell Naw. Waphinde wathatha eyeRecord of the Year kumaSama.
UBabes Wodumo noNasty C baphinde baba sematheni ngesikhathi uMasipala weTheku ubenzela umcimbi wokubavalelisa bezoya kumaBET Awards. UBabes wagcina engakwazanga ukuhamba kodwa ngenxa yokungayenzi i-visa.
Ngemuva kwamaMetro FM Music Awards umrepha uRiky Rick wamemezela ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uyashiya kwiMabala Noise.
IMabala Noise ngoJulayi imemezele ukuthi iyadiliza. Yaphinde yaxosha nowayengumxhumanisi wayo nabezindaba uMhlo Gumede, imsola ngokukhwabanisa imali.
Abaculi abahamba kubalwa kubo uDJ Chynaman, Zandie Khumalo, DJ Bongz osenenkampani yakhe nabanye.
U-2017 kube wunyaka obalulekile eqenjini iMafikizolo njengoba ligubha iminyaka engu-20 lasungulwa. Leli qembu ligubha le minyaka ngokuphipha i-albhamu i-20 enesigqi sase-Afrika okuyiso esibonakala sidlisa kakhulu kulezi zinsuku.
Ngo-Agasti umculi wokholo uDr Tumi, ulandele ezinyathelweni zikaCassper Nyovest, osanda kugcwalisa iFNB Stadium, ngokugcwalisa iTicketpro Dome eGoli.
Wayeqopha bukhoma iDVD ne-albhamu yakhe entsha iThe Gatherring of Worshippers - Speak A Word.
Umculo kaDr Tumi ungomunye wothengwa kakhulu ngabantu. NoZahara ngemuva kokukhipha i-albhamu yakhe entsha iMgodi kuthiwe ishaye igolide (15 000) kungakapheli sikhathi singakanani.
Kulo nyaka kuphinde kwavela izindaba zokugula komdidiyeli uRobbie Malinga nengwazi ye-jazz uHugh Masekela.
Umculi okwavela ukuthi unomdlavuza, uJohnny Clegg wenze ikhonsathi yakhe yokugcina njengoba esethathe umhlalaphansi.
Ngeke sikukhohlwe ukuvelela kwabaculi okukhona kubo iDistruction Boyz, Tipcee oneminyaka eyibambile kodwa izinto zakhe eziqale