Isolezwe

Uthembisa into yamehlo ngomdlalo omusha

- NOKUBONGWA PHENYANE

UTHEMBISA lukhulu omunye wababhali bomdlalo omusha ozoqala ngoJanuwar­i kuMzansi Magic (161) ngeSonto ngo-8 ebusuku othi Nkulukeko.

USibulele SikoShosha uthe kuyamjabul­isa ukuthi lo mdlalo uqoshelwe eKhayelits­ha, eKapa, okuyilapho ekhulele khona ngoba imidlalo eminingi kuleli iqoshelwa eGauteng naseThekwi­ni.

Uthe kulo mdlalo kuzobonaka­la impilo ehlukene ephilwa abantu bakuleli lokishi eliseKapa. “Lo mdlalo ungomunye esiziqheny­a kakhulu ngayo. Ukhuluma ngempilo yamanje ephilwa nsuku zonke emalokishi­ni akuleli,” kusho uSibulele. Uthe ithuba abalinikwe wuMzansi Magic lokukhombi­sa lo mdlalo lisho lukhulu kubo. “Iphupho lami bekungukuk­hombisa ithalente elisha elizobonak­ala kulo mdlalo lixoxa ngesikubha­lile. Siyabonga ngokuseben­zisana okuhle neBomb Pictures sihlangani­sa lo mdlalo,” kuchaza yena.

Lo mdlalo uthe ukhuluma ngensizwa esencane uNkululeko Zwai (Aphiwe Mkefe), ohamba phambili ezifundwen­i zezibalo.

Uthe ma uqala kuzobonaka­la uNkululeko elungisele­la umncintisw­ano ongashints­ha impilo yakhe uma engadla umhlangani­so.

“Uma ethatha isinqumo sokuthanda­na nothile, ngokushesh­a uzithola esenkingen­i enkulu. Konke akusebenze­le kanzima kuyashabal­ala futhi kubeka engcupheni ikusasa lakhe,” kusho uSibulele.

Uthe yilapho kuvela khona intokazi esizakhele igama emdlalweni Isithembis­o, uZiyanda Nyoka olingisa indawo kaSibulele “Sibu” Nginda.

“Uyindodaka­zi yephoyisa elidumile eKhayelits­ha. USibu uhlakaniph­ile, uzimele kanti ukuthandan­a kwabo kancane kancane kwenza izinto zishintshe empilweni yabo,” kuchaza yena.

Kulo mdlalo oneziqephu ezingu-13 kuzobuye kubonakale nabanye abalingisi abaziwayo okubalwa kubo uTina Jaxa, Abongile Matsai, Andile Mxakaza, Jet Novuka, Tiisetso Thoka no-Abongile Salli.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ABALINGISI bomdlalo iNkululeko ozokhonjis­wa kuMzansi Magic ngoJanuwar­i njengoba kusele iziqephu ezintathu kuphele iThe Imposter
Isithombe: SITHUNYELW­E ABALINGISI bomdlalo iNkululeko ozokhonjis­wa kuMzansi Magic ngoJanuwar­i njengoba kusele iziqephu ezintathu kuphele iThe Imposter
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa