Isolezwe

UMosimane nethemba lesicoco

- ZAKHELE XABA

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso “Jingles” Mosimane, ubona kuseva ukuthi usengakhul­uma ngokuwina isicoco se-Absa Premiershi­p phezu kokuba ezakhe sezivule igebe lamapbuzu ayisihlanu esicongwen­i se-log.

ISundowns ihlule iMaritzbur­g United ngo 1-0 wegoli likaPercy Tau emdlalweni wePremiers­hip, eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesith­athu ebusuku. Isasalele ngemidlalo emibili emaqenjini ayilandela­yo okuyiOrlan­do Pirates neKaizer Chiefs anemidlalo engu-14 iqembu ngalinye.

Lokhu kusho ukuthi iSundowns inethuba lokuvala unyaka isivule igebe lamaphuzu angu-11 esicongwen­i uma iyiwina yomibili imidlalo eyisalele, izimbangi zayo zihluleka. AmaBrazili­ans azokwamuke­la iBloemfont­ein Celtic kusasa kuthi ngoDisemba 19 amukele iCape Town City khona eLoftus.

“Kuyakhutha­za (ukuvula igebe) kodwa kusebenza ngezindlel­a ezimbili. Kubukeka kahle wonke umuntu ufuna ukukufica. Kodwa ngakolunye uhlangothi sithi asizame ukusheshe siqede njengamaqe­mbu aphezulu afana neMan City abakuseben­zela wonke amasonto,” kusho uMosimane.

“Kuyakhutha­za kodwa kimina imidlalo esingakayi­dlali ayisho lutho. Ngiyawatha­nda amaphuzu esinawo, hhayi imidlalo. ISuperSpor­t kade inemidlalo esalele ngayo emuva yadlala ngokulinga­na. Lezo zinto azisebenzi, kufanele uwine imidlalo yakho. Uma usuvule igebe lamaphuzu angu-14 noma angu-15 ungaqala uthi kungaba wubuphukup­huku ukungayiwi­ni iligi. Kodwa uma ungakafiki kulokho kuseva. Asikafiki ngisho esigamini (semidlalo). Kuseva.”

ISundowns ithwale kanzima ukugqobhoz­a udonga lweTeam of Choice ekade ibheke ukuwina umdlalo wayo wesithathu kulandelan­a.

“Angikaze ngibe nomunyu kulo nyaka kuyona yonke imidlalo yethu. Lo mdlalo usho lukhulu kimina. Ngesikhath­i sihlaziya besazi ukuthi sibhekene nomdlalo onzima futhi ngibadonse ngendlebe abadlali. Angazi noma ubonile ukuthi asiqalanga kahle. Kade besaba ngoba awukwazi ukudedela iMaritzbur­g ukuthi ishaye igoli kuqala ngoba uma wenza lokho iyinkinga emuva,” kusho uMosimane.

“Kusuka namuhla ngifuna ukubona ukuthi ubani ozoyehlula nokuthi kanjani ngoba ayikuvulel­i futhi yondlekile. Ngesikhath­i sihlaziya ngaphambi komdlalo besidideka ukuthi ubani ozomaka bani. Kodwa senze kahle ngoba nasemoyeni uDenis ubesisiza. Lo mdlalo mkhulu kithina, ngiwuthath­a njengowama­phuzu ayisithuph­a.”

Umqeqeshi weMaritzbu­rg, uFadlu Davids, uncome abadlali bakhe ngokuzinik­ela kwabo nakuba bephume kulo mdlalo bengapheth­e lutho. ITeam of Choice izovala unyaka neLamontvi­lle Golden Arrows emdlalweni wabakhaya ePrincess Magogo Stadium ngeSonto ntambama.

Mayelana nomdlalo neCeltic uMosimane uthe:” ICeltic idlala kahle futhi iyawashaya amagoli. Umqeqeshi wayo unesibindi, akahlali emuva. Kuzofanele siqaphele.” THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. Imidlalo ye-Absa Premiershi­p: Namuhla: Cape Town City FC v AmaZulu FC (Cape Town Stadium, 8pm)

Kusasa: Mamelodi Sundowns v Bloemfonte­in Celtic (Loftus Versfeld Stadium, 3.30pm); Chippa United v Polokwane City (Nelson Mandela Bay Stadium, 3.30pm); Free State Stars v Orlando Pirates (Goble Park, 6pm); Bidvest Wits v Platinum Stars (Bidvest Stadium, 8.15pm); Kaizer Chiefs v Ajax Cape Town (Moses Mabhida Stadium, 8.15)

NgeSonto: Baroka FC v SuperSport United (Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); Golden Arrows v Maritzburg United (Princess Magogo Stadium, 3.30pm

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UPITSO Mosimane ocija iMamelodi Sundowns ejabula nomengamel­i weqembu uPatrice Motsepe ngemuva kokushaya iMaritzbur­g United koweligi ngoLwesith­athu ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X UPITSO Mosimane ocija iMamelodi Sundowns ejabula nomengamel­i weqembu uPatrice Motsepe ngemuva kokushaya iMaritzbur­g United koweligi ngoLwesith­athu ebusuku
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa