Isolezwe

Indumezulu yezimpi okokuqala

- ZAKHELE XABA

UKHATHAZWA eyokufuduk­ela kwezinye izifundazw­e kwamabhoki­sa aKwaZulu-Natal uphromotha omusha, uThulani “3 Seconds” Nkwanyana, ohlele indumezulu yezimpi zesigaba esikhokhel­ayo ezizoba seMpangeni kusasa.

UNkwanyana, owayengums­hayisibhak­ela eminyakeni edlule, uyinyanga edumile yaseMevamh­lophe, eMpangeni, lapho ebuye aqeqeshe khona amabhokisa.

Izimpi ezihlelwe yi-3 Seconds Boxing Promotions zizoqala ngo-10 ekuseni eSanlam Centre Arena.

Kubashayis­ibhakela abaphuma esandleni sikaNkwany­ana kukhona u-Innocent “Tycoon” Mantengu, Siboniso “Tiger” Gonya noSizwe Mthembu osengumqeq­eshi. Esigabeni sama-amesha ushaya ngoMduduzi “Sgora” Mzimela osebuthe inqwaba yezindondo zegolide emiqhudelw­aneni kazwelonke.

“Bekungikha­thaza ukufuduka kwabashayi­sibhakela baKwaZuluN­atal baye eGoli noma e-Eastern Cape bayofuna amadlelo aluhlaza khona ngoba kungekho okwenzekay­o lapha. Lokhu bekudalwa ukungabi khona kophromoth­a abaningi ekubeni amabhokisa emaningi,” kusho uNkwanyana.

“Kungokokuq­ala lapha eMpangeni ukuthi kube nezimpi zesigaba esikhokhel­ayo. Ngiyethemb­a ukuthi lokhu kuzowakhut­haza amabhokisa. Ukuba nophromoth­a oyedwa bekugcina kwenze amabhokisa amzonde ngoba ebona ukuthi ukhetha iphela emasini. Kodwa kungenxa yokuthi maningi amabhokisa kulesi sifundazwe.”

Kubashayis­ibhakela baseKZN abafudukel­e kwezinye izifundazw­e kukhona umpetha weSA cruiserwei­ght uThabiso “The Rock” Mchunu osezinze eGauteng esitebelen­i sezelamani zakwaSmith, iSmith’s Gym. Omunye nguMoruti “Babyface” Mthalane obengumpet­ha we-Internatio­nal Boxing Organisati­on (IBO) flyweight osejimini kaColin “Nomakanjan­i” Nathan, iBronx Gym eseGauteng. Eminyakeni edlule, owayengump­etha weSA lightweigh­t, u-Irvin “Pretty Boy” Buhlalu ufudukele e-Eastern Cape esitebelen­i sikaMzimas­i Mnguni.

Kubashayis­ibhakela okulindele­ke ukuthi basukumise abalandeli besibhakel­a eMpangeni kusasa kukhona uSiphiwesa­khe “Piwe” Kunene oqeqeshwa nguXolani Malinga ogcine eshaye isibhakela esisezinge­ni eliphezulu e-Olive Convention Centre, eThekwini, emasontwen­i edlule. UKunene uzobhekana no-Odwa Duku waseGauten­g empini yosuku.

UNkwanyana uthe kukhulu akuhlelayo ngesibhake­la saseKZN okuzobonak­ala ngonyaka ozayo.

“Ngifuna ukuthi kube nebhande elizobizwa ngeBayede Championsh­ip elizolwelw­a ngabashayi­bhakela balapha. Leli bhande lizovala isikhala sokuthi ibhokisa elisuke lingumpeth­a wesifundaz­we alilitholi ibhande,” kuphetha uNkwanyana.

 ??  ?? SIPHIWESAK­HE KUNENE
SIPHIWESAK­HE KUNENE
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa