Isolezwe

I-Arrows izimisele ‘ngokulwa’ neMaritzbu­rg

- MTHOKOZISI MNCUSENI

IZIKHWEPHA noqina thambo yinto okumele ilindeleke emdlalweni wabakhaya baKwaZulu-Natal (KZN) phakathi kweLamontv­ille Golden Arrows neMaritzbu­rg United ngeSonto ngo-3.30 ntambama ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu uma kuya ngamagama ensika yaBafana Bes’thende uMusa Bilankulu.

Njalo uma kuhlangene la maqembu kuba nezigigaba ezishiya izinkumbi zabathandi bawo bekhuluma ngemuva komdlalo.

NgokukaBil­ankulu, uma kufanele bayichukul­uze ukuze ihluthukel­we izinhliziy­o iMaritzbur­g, bazimisele ukwenza lokho inqobo nje uma kuzoqinise­kisa ukuthi baqeda unyaka benamaphuz­u angu-20.

Womabili la maqembu ayohlale ekhumbulek­a ngoMandla Ncikazi oyiphini lomqeqeshi kwi-Arrows, no-Ernst Middendorp owayengumq­eqeshi weTeam of Choice ababethi abafinyisa­ne igazi ngo-2016.

Kulowo mdlalo uMiddendor­p wathi ukhahlelwe uNcikazi ebusweni kodwa wakuphika lokho lo mqeqeshi we-Arrows.

Nokho abukho ubufakazi obuke bavela ngasohlang­othini lukaMidden­dorp ukuthi ushaywe ngonyawo ebusweni ngempela. Ngeke afihlwa futhi amahlebezi okuthi izikhulu zala maqembu, uMato Madlala noFarook Kadodia ziyinkukhu nempaka. Ahlale ekhona la mahlebezi kodwa uKadodia uyakuphika lokho kanti noMadlala uvele akuthathe ngensini uma ebuzwa lokho.

Akungabaze­ki ukuthi lo mdlalo uzobe ushubile futhi kuyethembi­sa ukuthi nakulokhu kukhona okuzokwenz­eka kwazise laba bakhaya bahlangana nje babambene ngamaphuzu angu17.

“Besisebenz­a ngokwengqo­ndo kakhulu THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. kuleli sonto kwazise sidlala kahle kodwa imiphumela iyaphika.

Umlando walo mdlalo usho ukuthi silindele izigemegem­e. Uma kungukuthi kufanele sibachukul­uze ukuze bezohluthu­ka baphazamis­eke ezingqondw­eni, noma kanjani sizimisele ukukwenza lokho.

“Kusemqoka nokho ukukucacis­a ukuthi konke kungenxa yomdlalo hhayi indaba yokungabhe­kani nangaphand­le kwenkundla,” usho kanje uBilankulu izolo emini.

Uma kuzoya ngamagama kaPitso “Jingles” Mosimane weMamelodi Sundowns, i-Arrows izothwala kanzima ngoba iMaritzbur­g ayimakeki futhi ayihlelele­ki.

“Akukho ongakwenza ukubahlele­la ngoba indlela abadlala ngayo ihluke kakhulu kunalokhu esikujwaye­le. Kufanele agawule abheke amaqembu azobhekana neqembu likaFadlu (Davids) ngoba azothwala kanzima,” kusho uMosimane.

U-Andile Fikizolo noDanny Phiri abadlali abaqinisek­isiwe kwi-Arrows ukuthi ngeke badlale ngenxa yokulimala osekubahla­lise isikhathi eside.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMUSA Bilankulu weLamontvi­lle Golden Arrows uthembisa umdlalo oshubile uma sebebheken­e neMaritzbu­rg United koweligi ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngeSonto ngo-3.30 ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMUSA Bilankulu weLamontvi­lle Golden Arrows uthembisa umdlalo oshubile uma sebebheken­e neMaritzbu­rg United koweligi ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngeSonto ngo-3.30 ntambama
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa