UMosimane nethemba lesicoco
UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso “Jingles” Mosimane, ubona kuseva ukuthi usengakhuluma ngokuwina isicoco se-Absa Premiership phezu kokuba ezakhe sezivule igebe lamapbuzu ayisihlanu esicongweni se-log.
ISundowns ihlule iMaritzburg United ngo 1-0 wegoli likaPercy Tau emdlalweni wePremiership, eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesithathu ebusuku. Isasalele ngemidlalo emibili emaqenjini ayilandelayo okuyiOrlando Pirates neKaizer Chiefs anemidlalo engu-14 iqembu ngalinye.
Lokhu kusho ukuthi iSundowns inethuba lokuvala unyaka isivule igebe lamaphuzu angu-11 esicongweni uma iyiwina yomibili imidlalo eyisalele, izimbangi zayo zihluleka. AmaBrazilians azokwamukela iBloemfontein Celtic kusasa kuthi ngoDisemba 19 amukele iCape Town City khona eLoftus.
“Kuyakhuthaza (ukuvula igebe) kodwa kusebenza ngezindlela ezimbili. Kubukeka kahle wonke umuntu ufuna ukukufica. Kodwa ngakolunye uhlangothi sithi asizame ukusheshe siqede njengamaqembu aphezulu afana neMan City abakusebenzela wonke amasonto,” kusho uMosimane.
“Kuyakhuthaza kodwa kimina imidlalo esingakayidlali ayisho lutho. Ngiyawathanda amaphuzu esinawo, hhayi imidlalo. ISuperSport kade inemidlalo esalele ngayo emuva yadlala ngokulingana. Lezo zinto azisebenzi, kufanele uwine imidlalo yakho. Uma usuvule igebe lamaphuzu angu-14 noma angu-15 ungaqala uthi kungaba wubuphukuphuku ukungayiwini iligi. Kodwa uma ungakafiki kulokho kuseva. Asikafiki ngisho esigamini (semidlalo). Kuseva.”
ISundowns ithwale kanzima ukugqobhoza udonga lweTeam of Choice ekade ibheke ukuwina umdlalo wayo wesithathu kulandelana.
“Angikaze ngibe nomunyu kulo nyaka kuyona yonke imidlalo yethu. Lo mdlalo usho lukhulu kimina. Ngesikhathi sihlaziya besazi ukuthi sibhekene nomdlalo onzima futhi ngibadonse ngendlebe abadlali. Angazi noma ubonile ukuthi asiqalanga kahle. Kade besaba ngoba awukwazi ukudedela iMaritzburg ukuthi ishaye igoli kuqala ngoba uma wenza lokho iyinkinga emuva,” kusho uMosimane.
“Kusuka namuhla ngifuna ukubona ukuthi ubani ozoyehlula nokuthi kanjani ngoba ayikuvuleli futhi yondlekile. Ngesikhathi sihlaziya ngaphambi komdlalo besidideka ukuthi ubani ozomaka bani. Kodwa senze kahle ngoba nasemoyeni uDenis ubesisiza. Lo mdlalo mkhulu kithina, ngiwuthatha njengowamaphuzu ayisithupha.”
Umqeqeshi weMaritzburg, uFadlu Davids, uncome abadlali bakhe ngokuzinikela kwabo nakuba bephume kulo mdlalo bengaphethe lutho. ITeam of Choice izovala unyaka neLamontville Golden Arrows emdlalweni wabakhaya ePrincess Magogo Stadium ngeSonto ntambama.
Mayelana nomdlalo neCeltic uMosimane uthe:” ICeltic idlala kahle futhi iyawashaya amagoli. Umqeqeshi wayo unesibindi, akahlali emuva. Kuzofanele siqaphele.” THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwenews) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. Imidlalo ye-Absa Premiership: Namuhla: Cape Town City FC v AmaZulu FC (Cape Town Stadium, 8pm)
Kusasa: Mamelodi Sundowns v Bloemfontein Celtic (Loftus Versfeld Stadium, 3.30pm); Chippa United v Polokwane City (Nelson Mandela Bay Stadium, 3.30pm); Free State Stars v Orlando Pirates (Goble Park, 6pm); Bidvest Wits v Platinum Stars (Bidvest Stadium, 8.15pm); Kaizer Chiefs v Ajax Cape Town (Moses Mabhida Stadium, 8.15)
NgeSonto: Baroka FC v SuperSport United (Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); Golden Arrows v Maritzburg United (Princess Magogo Stadium, 3.30pm