Isolezwe

UShabba ubalisa ngomgqigqo

- ZAKHELE XABA

ISETHENJWA seKaizer Chiefs, uSiphiwe “Shabba” Tshabalala, sibalisa ngokuhlule­ka ukubamba umgqigqo kwezaso esibona kubalahlek­isele ngezinto eziningi kusukela kuqale isizini ye-Absa Premiershi­p ka-2017/2018.

UShabba ubelokhu eyithemba eqenjini lomqeqeshi uSteve Komphela elehluleka­yo ukujabulis­a abalandeli kule sizini. Nakuba iqembu beliphansi kodwa uTshabalal­a uhlale ezama ukulifukul­a.

Amakhosi azobhekana ne-Ajax Cape Town emdlalweni wePremiers­hip eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kusasa ngo8.15 ebusu.

Kusukela kuqale isizini, iChiefs ayikaze iwine imidlalo emithathu yeligi ilandelana. IMamelodi Sundowns, esivule igebe lamaphuzu ayisihlanu esicongwen­i se-log, iyiqembu lokuqala ukuqoqa amaphuzu ayisishiya­galoluluny­e emidlalwen­i ilandelana ngokwehlul­a iMaritzbur­g United ngoLwesith­athu ebusuku.

Nakuba iChiefs ibhinjelwa yizinto kodwa isahlezi emaqenjini asengasiba­nga isicoco kwazise isendaweni yesithathu kwi-log.

“Ukucinana kwe-log nokungaqon­dakali kwemiphume­la kusho ukuthi ukubamba umgqigqo kuwukhiye nokuthi kuseyinsel­elo emaqenjini amaningi. Uma ubambe umgqigqo unethuba elingcono lokuwina iligi. Iligi ibe nomusa kithina namanye amaqembu,” kusho uTshabalal­a.

“Kuseyinsel­elo kithina ukubamba umgqigqo. Ngicabanga ukuthi yinto okufanele sisebenze kakhulu kuyona ngonyaka ozayo. Asinaso isikhathi. Unyaka ozayo yinyanga ezayo futhi kunemidlal­o emikhulu ngoJanuwar­i. Lona we-Ajax uzosinikez­a ukuzethemb­a uma sithola amaphuzu aphelele ngoba senze kahle emdlalweni odlule ngokuwina. Ukuba siwine imidlalo emine noma eyisihlanu ilandelana ngabe sikwenye indawo manje ngamaphuzu amaningi. Kodwa akwenzekan­ga, sisendawen­i yesithathu ngamaphuzu angu-19. Sonke siyazi ukuthi besingenza kangcono.”

Ukuhlala esicongwen­i kweSundown­s sekwenze iningi liyibone iyiqembu eselivele limuke naso isicoco seligi. Abaqeqeshi abahlukene kwiPremier­ship okukhona kubona uGavin Hunt weBidvest Wits, sebevele baphumele obala ngokuthi iqembu elizodla umhlangani­so lizophuma kumaBrazil­ians neSuperSpo­rt United ka-Eric Tinkler.

“Ngicabanga ukuthi iSundowns yenze kahle, iyiqembu eliphezulu. Ingelinye lamaqembu okuthi uma seliqale ukuqoqa amaphuzu libe yingozi kakhulu. Kodwa okwamanje ngicabanga ukuthi kusavuleki­le. Ukusho kwami lokho akusho ukuthi kufanele sizithele ngabandayo. Ngeke iligi isaba nomusa kithina futhi iSundowns ikhombisa izinhloso zokwemuka nayo,” kusho uShabba.

 ??  ?? SIPHIWE TSHABALALA
SIPHIWE TSHABALALA
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa