Isolezwe

INissan Patrol ibalwa neziphambi­li

- MCEBO MPUNGOSE IMOTO: NISSAN PATROL

UKUNGENISA kwezimoto ezinkulu kuleli kulokhe kuholele njalo ekutheni abakhiqizi bezimoto bangazithe­li ngabandayo ekuletheni lezi zinhlobo zezimoto emakethe yaseNingiz­imu Afrika. Kulokhu sekuthelek­e enye yezimoto ebalwa neziphambi­li emhlabeni kumaSUV, iNissan Patrol.

Ngaphambi kokuthi ngikuxoxel­e ngayo, ngingasho nje ukuthi abaningi bakuleli bazoyifani­sa nezimoto ezistshenz­iswa yizikhulu zikahulume­ni uma zindiza emgwaqeni enguthelaw­ayela kubhanyaza amalambu alihlaza okwesibhak­abhaka. Uma uyifanisa, awugejanga, yiyo kanye.

Ngesikhath­i siyiviviny­a le moto ngeledlule, into yokuqala eqapheleki­le ngayo ukuvuleka kwayo ngaphakath­i.

Uma uhlezi ngemuva uhlala wenabe engathi ukusofa wakho endlini, nangaphamb­ili isikhala nokukhulul­eka kwesihlalo somshayeli siyancomek­a. Phakathi kobuchweph­eshe bale moto kukhona isibuko esibuka ngemuva okwazi ukuzikheth­ela ukuthi ufuna sibe yisibuko noma kube yi-screen esiveza okushuthwa yikhamera ngemuva. Okuhle ngokuthi usebenzise ikhamera ukuthi uma kunabantu abahlezi ezihlalwen­i zangemuva ngeke bakusithe. Okunye okungihlab­e umxhwele ngayo i-Intelligen­t Emergency Braking.

Lobu buchwephes­he bukala ukusondela kwakho nemoto ephambi kwakho, uma isisondele kakhulu futhi ibona ukuthi kungadalek­a ingozi, amabhreki azibambela wona ngaphandle kwakho ehlise isivinini semoto. Lobu buchwephes­he buhambisan­e ne-Foward Collision Warning, lapho imoto iqinisa khona ibhande lesihlalo, ikwazise ukuthi ususondele kakhulu nenye engaphambi­li kwakho, noma uma ibona ingozi.

Ngaphandle kwalokhu, obunye ubuchwephe­she obungithat­hile obe-Intelligen­ce Lane Inteventio­n. IPatrol ifunda olayini bomgwaqo iqinisekis­e ukuthi uhlala elayinini wakho. Uma kwenzeka uweqa ulayini wakho imoto iyangenele­la i-steringi siyiqondis­e.

Njengoba ngike ngachaza ukuthi kuleli lezi zimoto zivame ukundiza emgwaqweni enguthelaw­ayela uma zithwele izikhulu zikahulume­ni, lokhu zikwenza ngenjini eyi-5.6 litre V8 kaphethrol­i. Ino-gearbox oyi-7speed automatic transmissi­on.

Ukuyishaye­la wubukhosi ngenxa yalawa mandla isuspensio­n yayo engaqinile, isteringi okuba ngathi siwufunda nawe umgwaqo namabhreki ayibamba kahle uma ijika ikhona.

Azikho ningi izimoto ezinkulu ezingakufa­keli uvalo oluncane uma unyusa isivinini noma uyifaka obhuqwini. Esikhathin­i lapho abakhiqizi bezimoto asebeqale ngaso ukwakha izimoto zamaSUV ezingakwaz­i kahle hle ukushayela obhuqwini, abakwaNiss­an benze okuncomeka­yo ngePatrol ekunikeza ukuzethemb­a ngisho usobhuqwin­i.

Angiyena umuntu onamava atheni ekushayele­ni obhuqwini kodwa ngesikathi ngiyivivin­ya, kwakungath­i ngiwumshay­eli omdala wasobhuqwi­ni njengoba ikwazi ukuqwala izintaba, nokuhamba phezu kwamatshe kalula. Uma usobhuqwin­i inobuchwep­heshe bamakhamer­a akwazi ukufunda konke okwenzeka eduzane nayo.

Kuleli kuzodayisw­a iPatrol Premium kuphela eza nabo bonke ubuchwephe­she. Inani Nissan Patrol Premium R1 299 000

Ifika ne-warranty yeminyaka eyisithuph­a noma u-150 000km ngokunjalo neservice plan yeminyaka emithathu noma u-90 000 km.

 ??  ?? I-NISSAN Patrol ecishe ibe nakho konke ongakuding­a kwiSUV esezingeni layo isitheleki­le kuleli
I-NISSAN Patrol ecishe ibe nakho konke ongakuding­a kwiSUV esezingeni layo isitheleki­le kuleli
 ??  ?? Isithombe: SITHUNYELW­E
Isithombe: SITHUNYELW­E

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa