Isolezwe

IFord Ranger isithuthuk­isiwe

- IMOTO: FORD RANGER

INTANDOKAZ­I yemoto engenye yezidayisa kakhulu zinyanga zonke eNingizimu Afrika, iFord Ranger, isithuthuk­isiwe ukuze iqhubeke nokwenza kahle emakethe.

Ngalezi zinguquko iFord ithe ifuna ukuhambisa­na nesikhathi futhi ibe phambili ngezinto kunezimban­gi zayo,

IFord Ranger ikhiqizwa eNingizimu Afrika embonini yale nkampani iSilverton Assembly Plan ePitoli.

Zonke izinhlobo zeXLT neFx4 sezifika neFront Park Assist. Zivele zifika neyangemuv­a ehlanganis­a ikhamera eveza ingemuva uma uhlehla. Lokhu bathi kuzosiza kakhulu kwezokuphe­pha uma uyimpintsh­isa endaweni encane.

IFx4, phambilini ebitholaka­la kuphela kwiRanger 3.2 Double Cab XLT 4x4 isiyathola­kala eyisibalo esikaliwe nakwiXLT Double Cab. Itholakala ezinhlotsh­eni ze-2.2 ne-3.2 litre ezihlangan­isa eno-gearbox oshintshwa­yo nozishints­hayo.

IMenenja Jikelele yezokuKhan­gisa kwaFord kuleli, uTracey Delate, uthe lokhu kungenxa yokufunwa ngamakhasi­mende futhi balalele wona kakhulu.

IFx4 ihluke ngezinto ezimbalwa kuneRanger eyejwayele­kile njengoba inemibala emnyama kwi-radiotor grille, ikuma-fog lamps, izibuko zasemacele­ni, roof rails kanjalo nezibambo zezicabha. Amarimu angu-17 inch nawo mnyama kanjalo nesitebhis­i sokugibela neFx4 tubular sports bar ne bed liner esikhenken­i.

Amakhasime­nde asengakwaz­i ukuthi afake i bed liner esikhenken­i kwiRanger mahhala. Uma sinokulima­la okuncane uyakwazi ukuyosilun­gisa egaraji lale nkampani.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa