Isolezwe

Abezimoto benze kahle yize bekunzima

- FANELESIBO­NGE BENGU

KUFANELE wukuthi zikutholil­e ukuphefumu­la izinkampan­i zezimoto njngoba ukuthengwa kwezimoto kunyuke izinyanga eziyisithu­pha kulandelan­a kuze kube yimanje.

Lokhu kwenzeke ngaphezu kokuthi alukho uzinzo kwesimo somnotho futhi nenani likaphethr­oli lilokhu linyukile.

Ukuthengwa kwezimoto kulekelelw­e nawukuthi izinkampan­i zilokhu zizilethe njalo ezintsha.

Ukufika kwezintsha kuhambisan­a nokuhamba kwezindala njengoba kuvele ukuthi iGeneral Motors iyathutha eMzansi kanjalo nezithi kuyaphela ngeDodge.

Unyaka ka-2017 uphinde waletha injabulo kubathandi beBMW kwazise le nkampani yethule umbukiso wayo wokuqala ngqa iBMW M Festival eKyalami Racecourse, eGoli.

Umshayeli weToyota Gazoo Racing SA, uLeeroy Poulter, obevikela isicoco seSouth African National Rally and Cross-Country, umemezele ukuthi uyahoxa emncintisw­aneni wakulo nyaka ngenxa yokuthi ufuna ukululama ngokugcwel­e njengoba wahlinzwa ebuchoshen­i ngonyaka odlule.

ULewis Hamilton, ongumshaye­li weMercedes AMG Petrona, unqobe isicoco sakhe sesine emjahweni weFormula 1. Sekuwumlan­do ukuthi ngonyaka odlule kwanqoba owayenguza­kwabo eqenjini uNico Rosberg owamemezel­e ukuthi usethatha umhlalapha­nsi.

Njengoba ngikubalul­ile ngenxa ukuthi ziningi izimoto ezethuliwe kulo nyaka, phakathi kwazo kukhona iBMW X3 ezokhiqizw­a kuleli ngonyaka ozayo, Audi Q2, Toyota CH-R, Peugeot 3008, VW Golf GTD, Lexus LC 500 Coupe, Suzuku Ignis, Kia Rio, Land Rover Velar, nezinye.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa