Isolezwe

Unyamalele umgadli we-Ajax ofunwa ngamanye

- LUNGILE MAJOKA noMINENHLE MKHIZE

KUVELE ukuthi unyamalele umgadli we-Ajax Cape Town, uPrince Nxumalo, okuke kwabikwa ukuthi ufunwa uthuli ngamaqembu aseGauteng.

Izindaba zokuduka zivezwe umqeqeshi we-Ajax, uStanley Menzo, okusho ngaphandle kokunanaza ukuthi akamazi ukuthi ukuphi lo mgadli.

UMenzo ubekhuluma nabezindab­a ngemuva komdlalo we-Absa Premiershi­p lapho ezakhe zikhale ngaphansi kwiKaizer Chiefs ngo 1-0 eMoses Mabhida Stadium ngempelaso­nto.

“Ukukhuluma iqiniso ngoPrince, angimazi ukuthi ukuphi. Uyafika aphinde anyamalale usuku noma ezimbili. Namanje angazi ukuthi ukuphi. Ngizobona ngaye uma esenquma ukubuya. Angikwazi ukusebenza nomdlali onjalo,” kusho uMenzo ebonakala nasebuswen­i ukuthi uyanengeka.

UNxumalo kule sizini usashaye amagoli amabili emidlalwen­i yeligi. UMenzo uveza eyokunyama­lala kwakhe nje, usanda kutshela abezindaba emasontwen­i edlule ukuthi lo mgadli odabuka eMlaza akazimisel­i.

“Asikwazi ukuba nabadlali abasinika 60% noma 50%, bonke abadlali kufanele basinikeze 100%. Uma umdlali enza njalo siyamnika ithuba lokudlala. Kodwa uma kukhona osinikeza okungaphan­si kusho ukuthi sinenkinga,” kusho uMenzo phambilini.

UNxumalo ufike kwi-Ajax kumasizini amabili edlule esuka kwiSuperSp­ort United. Ufike wakhombisa izimpawu zokuvutha phambi kwamapali eqhulula amagoli phezu kokuxinwa yisifo sokuwa.

Leli qembu libe naye limeseka kuvela ukuthi limhambisa kodokotela okuyibona abagcine beyibonile inkinga yokuthi uphathwa yi-epilepsy.

Njengoba eseshaya eyokunyama­lala umthombo osondelene naye uNxumalo, uhlebele Isolezwe ukuthi ucathanyel­wa iMamelodi Sundowns neBidvest Wits.

NgoJanuwar­i amaqembu azobe esemkhanka­sweni wokusayini­sa abadlali afisa ukuqinisa ngawo izikwati zawo.

Ngasohlang­othini lwe-Ajax eyehlele endaweni ka-14 kwi-log, uMenzi uthe ikhona ingcindezi yokukhipha iqembu otakwini elikuyona. Uthe ufisa ukuletha abadlali abazokwenz­a umehluko eqenjini lakhe uma sekuvulwe iwindi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa