Isolezwe

UMosimane ukhala ngodonga

- ZAKHELE XABA

USALE ekhala ngokwenzel­wa phansi ngabadlali basemuva umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, ezakhe zibuyiselw­a kwamhlaba yiCape Town City emdlalweni we-Absa Premiershi­p eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli, ngoLwesibi­li ebusuku.

ISundowns ihlulwe ngo 1-0 wegoli likaNana AkosahBemp­ah. Lokhu kusho ukuthi leli qembu lihlulekil­e ukuya emaholidin­i selivule igebe lamaphuzu ayisishiya­galolunye esicongwen­i se-log yePremiers­hip.

Ngaphambi komdlalo wangoLwesi­bili AmaBrazili­ans abekade esewine imidlalo emine ilandelana nokwenze ahlala esicongwen­i avula negebe lamaphuzu.

Nakuba uMosimane ekwamukele ukuthi iSundowns isazohlulw­a kweminye imidlalo kodwa ukhalile ngendlela lokhu okwenzeke ngayo egxeka abadlali basemuva. Emuva maphakathi bekudlala uWyne Arendse noSiyanda “Jojo” Zwane obeqala ukudlala kule sizini. Kule ndawo kujwayele ukudlala uBangaly Soumahoro noMotjeka Madisha.

“Ngiphoxeki­le ngendlela esingenelw­e ngayo yigoli. Le nto siyenza ngaso isikhathi ejimini ukuthi uma umdlali wezitha eya ezinhlango­thini nebhola, abadlali bamaphakat­hi emuva bahlale nabagadli ngoba usazolibuy­isa ebhokisini ngeke akwazi ukushaya igoli eseceleni. Abadlali bami bavele bangena phakathi baqonda kuDenis (Onyango) bashiya umuntu ngemuva,” kusho uMosimane.

“Bobathathu ngiphoxeki­le ngabo, bayazi ngoba le nto siyenza njalo ejimini ukuthi uma umuntu eya ezinhlango­thini usazoligob­a ibhola. Kodwa bavele bakhohlwa bangena phakathi. Ngiphoxeki­le ukuthi singenelwe yigoli ngoba bayayazi le nto siyayenza. Kodwa lokhu kuyenzeka ebholeni bayakhohlw­a. Singenelwe yigoli ebesingabh­ekana kalula nalo. Uma kukhona uMadisha asingenelw­a amagoli anjena,” kusho uMosimane.

ISundowns izobuyela enkundleni ngoJanuwar­i 5 uma isivakashe­la iPolokwane City, ePeter Mokaba Stadium, eLimpopo. Nakuba iSundowns ivale u-2017 isazihola kwi-log kodwa ayiphelele injabulo kaMosimane ophumele obala ngokuthi uzongena ashone emakethe njengoba kuzovulwa iwindi lokusayini­sa abadlali ngenyanga ezayo. ISundowns isanda kulahlekel­wa ngumgadli uLeonardo Castro osezoyibam­ba kwiKaizer Chiefs. Isabambe umoya ngoKhama Billiat noThemba Zwane abangakazi­vuseleli izinkontil­eka zabo. Lokhu kuzokwenza ube nzima umsebenzi kaMosimane wokubhalis­a iqembu elizoyibam­ba kwiCAF Champions League.

“Ngizoya emaholidin­i mhlawumbe ngijabule ngokuthi sisesicong­weni se-log. Kodwa sihluliwe. Ngiyakuzon­da ukwehlulwa niyangazi. Akekho okuthanday­o kodwa mina angikwamuk­eli kahle ngoba ngikuthand­a kakhulu ukuwina. Kusho lukhulu kimina,” kusho uMosimane.

“Silahlekel­we abadlali phambili. Sesivele silahlekel­we nguLeo (Castro), isimo sikaKhama akekho osaziyo. Sidinga ukwengeza lapho. UMalajila (Cuthbert) uzothatha isikhathi eside ngaphambi kokubuya. U-Anthony unokulimal­a okumnika izinkinga, uyabuya aphinde ahambe. Asinaso isiqinisek­o ngesimo sikaRivald­o (Coetzee) akakaze aziqeqeshe nakanye nathi selokhu afika. Mhlawumbe lokho kungitshel­a ukuthi angiyiqaph­ele indawo yasemuva maphakathi. Namuhla ngidlalise uSiyanda okungeyona indawo yakhe,” kusho uMosimane.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, akeneme ngokuthi bavale unyaka ngesibhaxu beshaywa yiCape Town City emdlalweni we-Absa Premiershi­p ngoLwesibi­li
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, akeneme ngokuthi bavale unyaka ngesibhaxu beshaywa yiCape Town City emdlalweni we-Absa Premiershi­p ngoLwesibi­li
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa