Isolezwe

Uthembisa into yamehlo emdlalweni omusha woMzansi

- NOKUBONGWA PHENYANE

UTHEMBISA into ehlukile anethemba lokuthi abantu bazoyijabu­lela uMike Mvelase ozolingisa indawo kaMbatha emdlaweni omusha Ikhaya, ozoqala kuMzansi Magic, ngoMsombul­uko, Januwari 8, ngo-8 ebusuku.

Isiteshi uMzansi Magic siphinde sethula omunye umdlalo ozoqala ukubonakal­a uma kuphela isizini yesibili yomdlalo iLockdown, osekusele iziqephu ezimbili iphele.

UMike uthe kulo mdlalo ulingisa indawo kasomabhiz­inisi onendodaka­zi ethandana nesinye isisebenzi sakhe asiqashile.

“Lesi sisebenzi siphuma eLimpopo. Sifika sithandane nendodakaz­i yami. Kuningi akufihlile kodwa-ke wonke umuntu kulo mdlalo unezimfihl­o zakhe, okuzokwenz­a umdlalo uhehe kakhulu,” kuchaza yena.

Uthe ujabule ukuba yingxenye yalo mdlalo.

UReneilwe Sema, ongumqondi­si wezinhlelo zakuleli kwaM-Net uthe sekuwumkhu­ba wabo beyisitesh­i ukukhombis­a imidlalo ekhuluma ngezinto ezenzeka ngempela emphakathi­ni esiyakhele kuleli.

“SinguMzans­i Magic, sifuna ukuqhubeka sikhombise imidlalo ezokwenza bakhulume ababukeli balesi siteshi. Lo mdlalo ugxile kakhulu kowesilisa ongu-Eddie (Saint Seseli), ophila impilo engamanga,” kuchaza uReneilwe.

Uthe okuzogqama kakhulu kuwo ukuthi yini ezophumele­la, amanga neqiniso, njengoba konke lokhu u-Eddie ekwenza ngenxa yothando analo ngemindeni yakhe yomibili.

“Ukhetha ukudela konke njengoba evimbela noma yini ukuthi kungaphumi iqiniso lokuthi unamakhosi­kazi amabili nawo angazani. Siyathemba ukuthi abantu bakuleli bazowamuke­la ngezandla zombili,” kuchaza uReneilwe.

Uthe u-Eddie uba nezingqina­mba ngokufihla leli qiniso.

“Lo mdlalo uqoshwe eDaveyton naseGaModj­adji, eLimpopo. U-Eddie kukhona konke akwenzayo ukuthi amakhosika­zi akhe uRaisibe (Molobane Maja-Mbatha) noCebile (Nqobile Sipamla) bangalazi iqiniso. Kodwa ekugcineni ababukeli bazobona ukuthi ukwazile yini ukugcina le mfihlo,” kusho uReneilwe.

Kulo mdlalo uthe abanye abazobonak­ala belingisa uMpho Molepo, Aubrey Makola, Laki Khoza, Thulane Shange, Sphamandla Dhludhlu, Khomotso Manyaka, Mbasa Msongelo no-Amanda Manku.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ABALINGISI bomdlalo omusha esontweni lesibili kuJanuwari Ikhaya ozobonakal­a kuMzansi Magic
Isithombe: SITHUNYELW­E ABALINGISI bomdlalo omusha esontweni lesibili kuJanuwari Ikhaya ozobonakal­a kuMzansi Magic
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa