Isolezwe

Kuphelile ngeMabala Noise noGigi Lamayne

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMSHADO usuphelile.

Usho kanje umrepha wesifazane uGigi Lamayne ephawula ngokushiya inkampani abeqopha kuyo iMabala Noise Entertainm­ent. UGigi wasayina maphakathi nonyaka odlule nabanye abaculi.

“Angisekho manje. Bengingasa­jabule kodwa angilwi nabo. Sisayine inkontilek­a yokuthi ngingazida­luli izizathu zokushiya kwami,” kusho uGigi.

Uthe bekunzima kungasaseb­enzeki. Uqhube wathi uyifisela inhlanhla nabaculi abaqopha kuyo.

“Ngiyachich­ima yinjabulo. Abangani bami balokhu bengithint­a bebuza ukuthi nginjani ngiyabatsh­ela ukuthi konke kuhamba kahle. Ngikhulule­kile. Abantu abaqondi ukuthi zingakanan­i izinto esidlula kuzo njengabacu­li,” kuchaza uGigi.

Lo mrepha waqala ukuzakhela ugazi ngengoma yakhe ethi Ice Cream. Ekupheleni konyaka odlule ukhiphe i-albhamu yakhe yokuqala neMabala Noise ethi iGenesis ayefisa ukudayisa igolide ngayo nokuyinto egcine ingenzekan­ga. Kulo nyaka ukhiphe izingoma ezihamba ngazodwa okukhona kuzo ethi My Ugly Boy, Lobola nethi 1-Bar.

UGigi uthe abalandeli bakhe ababeke indlebe ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukuzwa ukuthi yimiphi iminyakazo azoyenza.

“Mhlawumbe ngizozimel­a, mhlawumbe ngizoya kwenye inkampani. Ngithatha isikhathi sami. Ngifunde lukhulu lapha futhi kube yisibusiso ukuba sekhaya elilodwa noNasty C nabanye. Ngithole ukunakwa ngabantu.”

Isikhulu seMabala Noise, uSquiks Nzuza, sithe bamfisela inhlanhla ngoba abahlukana­nga kabi. UGigi ufisele abalandeli bakhe uKhisimusi omuhle nokuthi bangene kahle onyakeni omusha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa