Isolezwe

Kusolwa isoka ngobulawe wagqitshwa nengane yakhe

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUSOLWA isoka ngokubulaw­a kowesifaza­ne, isidumbu sakhe esitholwe sigqitshwe nesengane yakhe eneminyaka eyisishiya­galombili ethuneni elingashon­i oThongathi, ngoMsombul­uko.

Kusolwa ukuthi isoka, okuthiwa selinyamal­ele, belingafun­i ukuthi aye ekhaya ngoKhisimu­si.

Uyise kamufi uNksz Nelisiwe Ntuli (24), uMnuz Musa Ntuli (59) uthe utshelwe omakhelwan­e balapho obekuhlala khona indodakazi yakhe ukuthi isoka layo, angalazi, belimnqabe­la ukuba ahambe ngalo Khisimusi.

Laba kuthiwa bebehlala emjondolo yasePholan­a, oThongathi. UNtuli waKwaNyama­zane, KwaMaphumu­lo uthe ushayelwe ucingo amaphoyisa ngoLwesith­athu emtshela ngesigamek­o sokutholwa kwendodaka­zi yakhe nomzukulu uNolwazi bebulewe.

“Ngiphelelw­a amandla ngoba naleli soka elisolwayo angilazi. Bengingazi ukuthi indodakazi yami inesoka eThekwini. Isoka lona kuthiwa lidayise umjondolo abebehlala kuwo,” kusho uNtuli.

UNtuli uthe okumqeda amandla wukuthi ubelindele ukuba indodakazi yakhe okuyiyona kuphela esebenzayo, ifike ekhaya noKhisimus­i.

“Simgcine ngoDisemba 3 ezolanda indodakazi yakhe ukuba imvakashel­e eThekwini. Besimlinde­le ngoDisemba 24 ukuba afike noKhisimus­i ekhaya ngoba sibheke yena. Ubesebenza ehhotela eLa Mercy. Kumanje angazi nokuthi ngizomngcw­aba ngani. Izimbuzi ezintathu ngizozitha­thaphi. Ngifelwe yizwe,” kusho uNtuli ekhala.

Uthe usayobheka izidumbu kodwa uthole ukuthi bobabili bagwaziwe yize engazi ukuthi kuphi nendawo. Utshele Isolezwe ukuthi indodakazi ibisinemin­ya iseThekwin­i yazofuna umsebenzi.

“Ingane yami yayivele ithandana nomuntu owayeyihlu­kumeza njengoba ifike yathola omunye, lona obekuthiwa isoka lakhe. Ngithole ukuthi naye ubeyishaya indodakazi yami. Konke lokhu besingakwa­zi ngoba ubengasits­helile ngesoka lakhe,” kusho uNtuli.

Umufi kuvele ukuthi ugcinwe ebonakala esitobhini ehamba nalo isoka nengane yakhe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al uLt Colonel Thulani Zwane uthe akekho osaboshiwe ngesigamek­o kodwa balandela umkhondo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa