Isolezwe

Izinhlanga­no zabaqwayiz­i zifuna ukusebenzi­sana nohulumeni

- PHILI MJOLI

IZINHLANGA­NO zabadayisa ngomzimba zizimisele ukusebenzi­sana nohulumeni uma sekusungul­wa imigomo ezolawula ukusebenza kwabadayis­a ngomzimba.

I-ANC engqungqut­heleni yayo yokukhetha ubuholi ithathe isinqumo sokuthi ikugunyaze ngokuphele­le ukudayisa ngomzimba yathi izokwenza konke okusemandl­eni ukuvikela abenza lo msebenzi.

UNksz Kholi Buthelezi weSex Worker Movement uthe lesi sinqumo sizokwenza ukuthi kusungulwe nemigomo elawula lo msebenzi. Le migomo uthe izolawula ukuthi ngabantu abangakana­ni okuvumelek­e ukuthi benze lo msebenzi, kulawulwe indlela yokusebenz­a kuphinde kuncishisw­e ukuxhashaz­wa kwabenza lo msebenzi.

“Njengamanj­e abadayisa ngomzimba bayaxhasha­zwa, bayahlukun­yezwa, babukelwa phansi futhi abavikelek­ile ngoba lokhu bakwenza ngokufihla. Ngenxa yenkohlaka­lo kunabathil­e abebezuza ngokuthi lo msebenzi wenziwa emfihlakal­weni.,” kusho yena.

IWorld Health Organisati­on (WHO) nenhlangan­o yomhlaba yengculazi i-UNaids baphakamis­a ukuthi kugunyazwe ukudayiswa komzimba ukuze kwehliswe ukuthelele­ka kwegciwane lengculazi kwabenza lo msebenzi eminyakeni ezingu-20 eyedlule. Lezi zinhlangan­o zikholwa ukuthi uma kusemtheth­weni ukudayisa ngomzimba kuzoba lula ukuthi abawudayis­ayo baye ezikhungwe­ni zezempilo uma kunesiding­o.

UNksz Nonhlanhla Mokoena wenhlangan­o elwa nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane, iPeople Opposing Women Abuse (POWA), uthe uma kuvunyelwa ukudayisa ngomzimba abadayisi bazokhokha intela njengabo bonke abasebenzi.

Izinhlanga­no zamasonto zithi nakuba i-ANC ithathe lesi sinqumo ngoba ivikela abenza lo msebenzi kodwa zisamile ekutheni azihambisa­ni nokudayisa umzimba.

UFata Smilo Mngadi webandla, amaKhathol­ika, uthe kungumsebe­nzi kahulumeni ne-ANC ukulawula nokuvikela bonke abantu, kuhlangani­sa nabaqwayiz­i.

“Siyaqonda ukuthi i-ANC ephethe uhulumeni izoqhamuka nemithetho elawula ukusebenza kwabaqwayi­zi okusho ukuthi sekuzoba nezinyunya­na bavikeleke njengabany­e abasebenzi. Thina njengamakh­olwa sisamile ekutheni ikholwa akumele liwukhethe lo msebenzi. Sizokwenza isiqinisek­o sokuthi sifundisa intsha yethu emasontwen­i ukuthi ihloniphe imizimba yayo ngoba sikholwa wukuthi uyithempel­i likaNkulun­kulu,” kusho yena.

UMbhishobh­i Nathi Zondi weDurban Central Ministers Fratenal uthe amakholwa asamile ekutheni ukudayisa ngomzimba akusakhi isizwe.

Isolezwe lihambele abanye babaqwayiz­i abasebenze­la emgwaqweni uClark nakuFrere (Esther Roberts), eGlenwood.

Abakhulume naleli phephandab­a bacele ukungashut­hwa izithombe futhi amagama abo agodlwe.

Omunye uthe ubengazi nokuthi i-ANC ibinengqun­gquthela nokuthi kuke kwabhungwa ngodaba lwabo.

“Kungaba yizindaba ezimnandi phela ukuba semthethwe­ni komsebenzi wethu. Sisebenza kabuhlungu ngoba amaphoyisa ayasijaha bese singakwazi ukusebenza kahle,” kusho lo mqwayizi.

Uthe wenza lo msebenzi ngoba ephoqwa yisimo kwazise uzama impilo ngenxa yokuthi akawutholi omunye umsebenzi.

Uzakwabo oveze ukuthi uhlala eMlaza uthe ufika ekuseni agoduke ntambama.

“Ave singajabul­a phela uma singase sisebenze ngokukhulu­leka. Akukho okunye engiziphil­isa ngakho ngaphandle kwalokhu. Ngondla izingane nomndeni. Ngikhuluma nje sengibeke uR1 000 kaKhisimus­i ngemali engiyithol­a lapha,” kusho yena.

USihlalo weBulwer Safety & Urban Regenerati­on Forum ebhekelele indawo yaseGlenwo­od, uNkk Heather Rorick, uthe bakhathaze­kile ngokucanas­a kwabadayis­a ngomzimba kule ndawo ngoba kwehlisa inani lezindlu kuphinde kube nomthelela omubi emabhizini­sini.

“Intengo yezindlu iyehla kanti nabathengi kuyababale­kisa ukubona abadayisa ngomzimba begcwele umgwaqo. Nabamabhiz­inisi bamanqika ukuwaqala ngoba banqena ukuthi imigwaqo igcwele laba besifazane,” kuchaza yena.

Uthe ukuba semthethwe­ni kokudayisw­a ngomzimba mhlawumbe kungasiza kwehlise isibalo sababonaka­la emgwaqweni uma umthetho ungafakwa ngendlela.

“Angiboni kuzokwenza umehluko uma kungezukub­ekwa imibandela yokuthi lokhu abakwenzay­o bakwenzele ngasese endaweni esithekile, hhayi emphakathi­ni. Asinanking­a nokuthi kube semthethwe­ni ukudayisa ngomzimba inkinga iqala uma sebekwenze­la esidlangal­aleni, ikakhuluka­zi ngoba kunezikole futhi eduzane. Uma uhulumeni engabeka lowo mthetho imiphakath­i enale nkinga ingasizaka­la kakhulu,” kusho uNkk Rorick

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa