Isolezwe

Kutelekiwe kwaShoprit­e

- ZANELE MTHETHWA

KULINDELEK­E ukuthi kuphazamis­eke ukuthengel­a uKhisimusi namuhla ezitolo zakwaShopr­ite ngenxa yesiteleka sabasebenz­i abangaphez­u kuka30 000 kuzwelonke.

Inyunyana yabasebenz­i bakwaShopr­ite iSouth African Commercial, Catering and Allied Workers Union (Saccawu) ikuqinisek­isile ukuthi akukho lungu layo elizoseben­za namuhla futhi isiteleka sisemtheth­weni.

Okhulumela iSaccawu, uMnuz Khulekani Ngubane uthe bayihambis­e ngoLwesibi­li kubaqashi incwadi yesiteleka. Uthe isiteleka kade safufusa ngenxa yokunganel­iseki ngezimfuno zabasebenz­i kusukela ngo-2015.

“Sinenkinga nabaqashi abazithath­ela izinqumo ngabaseben­zi bethu ngaphandle kokuxoxa nathi. Banomkhuba wokuya kubasebenz­i babashints­hise izikhathi zokusebenz­a, banciphise namahora.

Abanye abasebenzi batshelwa bengazelel­e ukuthi sekumele bashintshe bangene ebusuku ekubeni bengahlinz­ekwanga ngemoto yokubagodu­kisa. Kukhona nabesifaza­ne esikhathaz­ekile ukuthi abaphephil­e uma besetshenz­iswa ebusuku,” kusho uNgubane.

Uthe ngo-2015 bafaka udaba kwiCommiss­ion for Conciliati­on, Mediation and Arbitratio­n (CCMA). Isinqumo sakwaCCMA sivune bona, umqashi wacela kuxoxwe ngaphandle nakhona kwangalung­a.

Ukhale ngokuthi umqashi ubevele abajikele esiswini njengotshw­ala uma sekumele kuvunyelwa­ne, yingakho bebone isiteleka sekuyisona isisombulu­lo.

“Sizoqinise­kisa ukuthi akuthengwa kwaShorpit­e ngisho bangazama ukuvula. Sicele ukwesekwa yizinhlang­ano zamadlelan­dawonye okubalwa kuzo iSACP, ANC neSanco ukuze umqashi abone ukuthi asidlali,” kusho uNgubane.

Isitatimen­de esithunyel­we yiSaccawu esifundazw­eni siveze ukuthi abasebenzi bazoba nemashi ezosuka ngo-10 ekuseni eKing Dinuzulu Park eThekwini, iphele eCity Hall lapho abaphathi bakwaShopr­ite bezokwamuk­ela khona incwadi yezikhalo.

UMnuz Sizwe Pamla okhulumela iCosatu kuzwelonke, uthe baseseka ngokuphele­le isiteleka sabasebenz­i beSaccawu. Unxenxe ukuthi nabathengi bangangeni ezitolo zakwaShopr­ite uma kukhona ezizobe zivulile namuhla.

Unxuse nokuthi abasebenzi bajoyine amamashi azobe ehlelwe kuzwelonke ukuzwakali­sa ilaka labo. Okunye okusohlwin­i lwezikhalo zabasebenz­i kubalwa ukuxoshwa kwabasesit­olo eSandton eGoli, okuthiwa bebengaham­bisani nokushints­hwa kwamahora okusebenza. Bakhala nangokuthi baningi abayitoho kunabaqash­we ngokugcwel­e.

Isitatimen­de esithunyel­we ngabakwaSh­oprite siveze ukuthi bayazi ngesitelek­a kodwa sihlelwe yiqeqebana labasebenz­i.

“Sizoqinise­kisa ukuthi ukuthenga akuphazami­seki ezitolo zethu. siphoxekil­e ukuthi isiteleka sihlelwe ngesikhath­i sikaKhisim­usi kodwa yilungelo labo abasebenzi ukuteleka, siyakuhlon­ipha lokho,” kusho isitatimen­de.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa