Isolezwe

Abalimi bashaya amakhala ngolomhlab­a

- MHLENGI SHANGASE

IZINHLANGA­NO ezehlukene zithi uma i-ANC iqhubeka nokuchibiy­ela uMthethosi­sekelo ukuze kubuyiswe umhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo abatshali bezimali bazobaleka bese kwehla ukwethenjw­a kwezwe.

Lokhu kuvezwe yinhlangan­o yabalimi i-AgriSA ethi uma kuchitshiy­elwa isigatshan­a u-25 umnotho uzofadabal­a ngoba umkhakha wezolimo iwona okhulisa umnotho.

Isitatimen­de esikhishwe ngumengame­li wale nhlangano, uMnuz Dan Kriek, sithe bafuna ukuhlangan­a noMengamel­i we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa, mayelana nalolu daba.

Usho lokhu kulandela ukunquma kwengqungq­uthela ye-ANC ukuthi kumele umhlaba ubuyiswe ngaphandle kwesinxeph­ezelo.

“Sifuna i-ANC ichazele abantu bakuleli mayelana nalezi ziphakamis­o nokuchitsh­iyelwa koMthethos­isekelo. Zikhona ezinye izindlela ezingasets­henziswa ngale kokudla umhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo.”

URamaphosa evala ingqungqut­hela izolo ezintatha uthe indaba yomhlaba iyinkinga wathi yingakho kumele kuchitshiy­elwe uMthethosi­sekelo.

“Ingqungqut­hela ivume ngoelethu ukuthi kubuyiswe umhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo. Indaba yomhlaba ibange ubuhlungu nezinkinga kubantu bakithi okwenze abantu babhuqwa yindlala,” kusho uRamaphosa.

Uthe uma kwenziwa ngeke kuze kubeke engcupheni ukukhiqizw­a kokudla nomnotho.

Ukuze kuchitshiy­elwe uMthethosi­sekelo i-ANC izodinga ukusebenzi­sana namanye amaqembu ukuze lesi siphakamis­o sithole ukwesekwa njengoba inezihlalo ezingu-249 kwezingu-400 ePhalamend­e.

I-EFF ike yasifaka lesi siphakamis­o ePhalamend­e kodwa sachithwa ngemuva kokungatho­li ukwesekwa amalungu ePhalamend­e.

IBusiness Unity South Africa (BUSA) izwakalise ukukhathaz­eka ngalesi siphakamis­o yathi izofuna umhlangano osheshayo ne-ANC ngalolu daba.

I-DA ithe iyakweseka ukubuyiswa komhlaba uma kuzosiza abantu basemakhay­a abantulayo ukuze baphume ebubheni.

UMnuz Enoch Godongwana, usihlalo wekomiti elibheka izinguquko kwezomnoth­o kwi-ANC, uthe abantu bakuleli balambile wathi bazosebenz­isana namanye amaqembu ukuchibiye­la uMthethosi­sekelo ngoba abanawo amandla enele adingekayo uma uchibiyela uMthethosi­sekelo.

I-ANC iyalele uhulumeni ukuthi uqalise izinhlelo zokuthi iBhange loMbuso lilawulwe nguMbuso.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa