Kuguga amaphakethe ngamathoyizi
AKUZONA izingubo zikaKhisimusi kuphela ezinedumela ngalesi sikhathi kodwa namathoyizi ayingxenye yezipho kodado.
Ezinye izingane zisuke ziwabheke ngabomvu amaholidi kaKhisimusi ukuze zithole amathoyizi amasha, amanye ezisuke ziwathenjiswe abazali phakathi nonyaka. Isolezwe livakashele esitolo iToys R Us eCity View eThekwini, izingane ziyokhithiza amathoyizi kaKhisimusi. Ezinye bezifike zidideke sezisesitolo njengoba amathoyizi ayizinhlobo ahlukene ethe chithi saka. Okucacile ukuthi abazali abasathengi nje amathoyizi amancane ashibhile kodwa bakhipha imali ebhekile ukujabulisa izingane. UNksz Thulisi Mdletshe waseNewlands West ubehamba nezingane zakhe uLuyanda (10) no-Ayanda (5). Amathoyizi abesegcwele ubhasikidi omncane, sekuvela elomhlathi kuLuyanda no-Ayanda.
UNksz Mdletshe uthe izingane zakhe zimenzela umsebenzi ube lula ngoba ziyazibekela imali kusukela kuqala unyaka. Bachithe imali engaphezu kukaR400 emathoyizini abawathenge izolo.
“Bobabili bayazibekela imali ezikoqokoqweni. Ngithathe yona iwuhlweza injalo sazothenga ngayo. U-Ayanda uthenge isibhamu esikhulu sikaR160 nesigqoko samaphoyisa. Udadewabo uthenge i-keyboard ebiza uR200 nokunye okuncane,” kusho yena. Uthe akuthandayo ukuthi bawaphatha kahle amathoyizi ngoba ahlala isikhathi eside kanti kuwumgomo ukuthi kumele kuthengwe amasha ngoKhisimusi. Uthe akaqedile njengoba izingane zakhe zisazobhala amanye azowathenga ngemali yakhe.
“Bazi ukuthi ngoKhisimusi kufika uSanta azoletha izipho. Babhala amathoyizi abawafunayo bese ethengwa yimina ngiwafihle ekamelweni labo ukuze bacabange ukuthi alethwe uSanta,” ehleka.
UNksz Thabile Ndlovu obehamba yedwa esitolo, uthe uyaleziwe ukuthi athenge amathoyizi anjani. Uthe indodakazi yakhe eneminyaka eyisishiyagalombili, ifuna unodoli okhalayo. “Uma ngibheka amanani kudingeka ngikhiphe uR500 ngalo nodoli awufunayo. Ayikho into engizoyenza ngoba kade ngamthembisa ukuthi uzowuthola ngoKhisimusi,” kusho yena.