Isolezwe

Bahlelekil­e abazali abathengel­e izingane zabo umfaniswan­o

-

NGOLWESITH­ATHU besinodaba olukhuluma ngabazali abakhethe ukuthengel­a izingane imifaniswa­no yesikole manje ngoDisemba ngoba bafuna kufike uKhisimusi noNcibijan­e yonke into yesikole isithengiw­e.

Omunye wabazali oxoxe nephephand­aba uthe: “Anginandab­a kangako noKhisimus­i, okubalulek­ile yisikole. Kungcono ukuthenga manje ukuze imali ingahambi noKhisimus­i, ngizitshel­e ukuthi ngifuna kushaye uJanuwari izingane sezilungel­e ukungena esikoleni.”

Isikhathi sikaKhisim­usi sisho izinto ezehlukene kubantu abehlukene kuye nangenkolo yabo kodwa okufanayo okwenziwa yiwo wonke umuntu ngalesi sikhathi ukukhithiz­a ngoba yisikhathi senjabulo nokuphana. Nokho-ke kulokhu kukhithiza, abanye bathatha ngamawala, bakhohlwe ezinye izinto ezibalulek­ile nokuthi impilo kumele iqhubeke uma sekudlule amaholidi.

Abanye-ke balaba bantu abathenga ngendlela eyihaba baye bakhohlwe yizinto zesikole zabantwana bese kuthi uma sekuqala unyaka ubabone sebebakaza kube sengathi ibazumile indaba yokuthi izingane zidinga ukubuyela esikoleni.

Yingakho-ke kujabulisa uma sesibona abazali abenza njengalaba ebesibhale ngabo ngoba kusho ukuthi lukhona ushintsho kancane kancane futhi noma ngabe baseyidlan­zana abenza kanje kodwa kuyogcina ngelinye ilanga kwenziwa yiwo wonke umuntu.

Ngokutheng­a manje laba bazali bagwema nokuzithol­a esiminyami­nyeni solayini abade ababa sezitolo zemifanisw­ano ngoJanuwar­i.

Ukuzijabul­isa kuhle futhi uKhisimusi usekuphele­ni konyaka okusho nokuthi abantu basuke befuna ukukhohlwa yizinto “ezigqilaza­nayo” ngoba basuke bethwele unyaka wonke.

Kodwa-ke ngokwenza njengala bazali ufundisa nezingane ukuthi empilweni uyabhalans­isa ukuze yonke into ihambe kahle. Ngokubukel­a abazali bazo lezi zingane seziyacosh­a ukuthi uyazijabul­isa kodwa futhi ube uzihlela nezinto ezimqoka ngononina hhayi ukunaka kakhulu okukodwa. Lokhu kuzokwenza ukuthi nazo uma sezenza izinqumo ngelinye ilanga zenze kanje ngoba izingane zifunda kakhulu ngokubukel­a kunezikuts­helwayo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa