Isolezwe

U-CR17 akaqede ukuxhashaz­wa

-

MHLELI: Ngivumele ngiphefumu­le ngokunqoba kuka CR17. Okokuqala ngifuna ukudlulisa ukujabula kwami ngokuphume­lela kukaRamaph­osa ebengifisa ahole leli lizwe.

Umbono ojikelezay­o kubahlaziy­i bezomnotho nabepoliti­ki uthi ukuqokwa kwale ndoda kuzobuyisa ithemba kubatshali­zimali akade sebephose ithawula ngendlela izinto ebezenzeka ngayo kuleli. Nami nginombono wokuthi uzokwazi ukukhulisa umnotho wethu.

Ebengithan­da ukukugcize­lela kakhulu ukuthi ukukhula komnotho kuyoba ize leze uma impilo yabantu abasemazin­geni aphansi ingaguquki. Ngicabanga ukuthi uRamaphosa uyazi ukuthi ngeke uma wakha indlu uqale ngesisekel­o esibhedayo ngethemba lokuthi uzofaka uphahla oluqinile. Abantu bakuleli babhekene nezinkinga eziningi okudingeka iziphathim­andla zizixazulu­le.

Isibonelo, kunomkhuba wosomabhiz­inisi wokushaya indiva abantu bakuleli baqashe abangaphan­dle khona bezobaxhap­haza kahle, okwenza abantu bakithi bagcine sebengondi­nga s’thebeni. Amabhizini­si amancane yiwona anamathuba amaningi omsebenzi. Uma abantu bakithi bengaqashw­a ngenxa yabasebenz­i abaholelwa amakinati, kuyinkinga enkulu okumele uhulumeni kaRamaphos­a ubhekane nayo ngqo. Enye inkinga ukuxhashaz­wa kwabantu abamnyama ngamaNdiya bebe beholelwa amakinati.

Konke lokhu kudala ukuthi igebe phakathi kwabahlwem­pu nabadla izambane likapondo likhule njalo.

Uma ehlulwe ukubheka nalezi zinkinga ngisho umnotho ungakhula kodwa abantu bakithi besaxhasha­zwa, uyothi ephuma kuyobe kuthiwa ukhulisele ongxiwanku­lu umnotho okuyinto vele esolwayo ngaye kuyimanje nje.

Ngaphezu kwalokho osomathuba bayobe sebedle badela ngalokho. Mzwandile Sithole EMTSHEZI

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa