Azogulisa abantu amanzi aphuma emadamini endle asesibhedlela
MHLELI: Angikaze ngibhalele ingosi yemibono ngikhonze ukuyifunda nje kuphela kodwa manje ngisukunyiswa amanyala engiwabona enziwa yisikhungo sikahulumeni esigulisa abantu.
Ezinyangeni ezedlule ngizwe ukuthi bekulungiswa amadamu agcina indle ephuma eMosvold Hospital. La madamu abiyelwe khona ngaphakathi esibhedlela bese kuthi ngezansi kwesibhedlela kube nomphakathi ohlala endaweni ebizwa ngokuthi kuseLangeni.
Kuwo lo mphakathi kukhona umfula oyisiphethu osiza cishe bonke abantu baseNgwavuma uma kunesomiso. Ziningi izindawo ezisizwa yilo mfula okubalwa izindawo ezifana neSihlangwini, Machobeni nezinye.
Into ebuhlungu la madamu athwele indle asekhipha amanzi aluhlaza ahamba aze ayofika esiphethwini umphakathi okha kusona amanzi. Umphakathi wakule ndawo uwasebenzisa usuku nosuku amanzi asesiphethwini ngoba ayikho indawo ongabalekela kuyo.
Kule ndawo likhona ithangi lomphakathi kodwa nalo alisathelwa amanzi. Into ebuhlungu kunakho konke wukuthi bakhona abantu ababheka le ndawo okukhona kubona ikhansela le-ward, induna nekomiti le-ward.
Okunye okungizwisa ubuhlungu wukuthi nekomiti lakule ndawo lalikhona esigungwini esasibhunga ngokwakhiwa kwamadamu nengikholwa wukuthi maningake nisize nisifonele isigungu nizwe ukuthi kwenzekani kuleya ndawo singathola izimpendulo ngoba thina njengomphakathi sekunzima asisazi ukuthi kumele senzenjani. Okhathazekile ELANGENI