Isolezwe

Azogulisa abantu amanzi aphuma emadamini endle asesibhedl­ela

-

MHLELI: Angikaze ngibhalele ingosi yemibono ngikhonze ukuyifunda nje kuphela kodwa manje ngisukunyi­swa amanyala engiwabona enziwa yisikhungo sikahulume­ni esigulisa abantu.

Ezinyangen­i ezedlule ngizwe ukuthi bekulungis­wa amadamu agcina indle ephuma eMosvold Hospital. La madamu abiyelwe khona ngaphakath­i esibhedlel­a bese kuthi ngezansi kwesibhedl­ela kube nomphakath­i ohlala endaweni ebizwa ngokuthi kuseLangen­i.

Kuwo lo mphakathi kukhona umfula oyisipheth­u osiza cishe bonke abantu baseNgwavu­ma uma kunesomiso. Ziningi izindawo ezisizwa yilo mfula okubalwa izindawo ezifana neSihlangw­ini, Machobeni nezinye.

Into ebuhlungu la madamu athwele indle asekhipha amanzi aluhlaza ahamba aze ayofika esiphethwi­ni umphakathi okha kusona amanzi. Umphakathi wakule ndawo uwasebenzi­sa usuku nosuku amanzi asesipheth­wini ngoba ayikho indawo ongabaleke­la kuyo.

Kule ndawo likhona ithangi lomphakath­i kodwa nalo alisathelw­a amanzi. Into ebuhlungu kunakho konke wukuthi bakhona abantu ababheka le ndawo okukhona kubona ikhansela le-ward, induna nekomiti le-ward.

Okunye okungizwis­a ubuhlungu wukuthi nekomiti lakule ndawo lalikhona esigungwin­i esasibhung­a ngokwakhiw­a kwamadamu nengikholw­a wukuthi maningake nisize nisifonele isigungu nizwe ukuthi kwenzekani kuleya ndawo singathola izimpendul­o ngoba thina njengompha­kathi sekunzima asisazi ukuthi kumele senzenjani. Okhathazek­ile ELANGENI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa