Isolezwe

IZINKONDLO

-

Sengiyakho­lwa ukuthi sewafa, Ngoba noma ilanga liwukhanyi­s’ umhlaba Ngibon’ ekusen’ izilwane ziklaba, Ziziphunga ngamashob’ anenhlali, Emhloph’ okwezinkom­azi zakith’ eMhlali,

Nokho sengike ngabona kuhlw’ emini. Sengiyakho­lwa ukuthi sewafa, Kwangihlwe­l’ emini ngoMandlak­ayise.

Ngabe ngiyathe ngiyanceng­a bangiyise, Bangithela ngamanz’ ezinyembez­i, Ngambon’ elele bengakamem­besi. Ngalibon’ iphupho liz’ emini. Nango Nomasomi kwabanjalo, Izinkantol­o zamehlo zacimeza, Wabanda wehlulw’ ukuzifudum­eza. Mina ngema ngaqhaqhaz­ela izingalo Ngilunguz’ ubuso bakho buhwelela, Nobuhle benqaba bangifipha­lela.

Ngingekhoh­lwe kanjan’ ukuthi sewafa Um’ umgwaqo wakho uvulekile, Ngibon’ iminyaka yonk’ ubhuduleki­le?

Wena kungathi wahamba umnyang’ uvuliwe

Khon’ abanye beyophuma sengathi badiniwe,

Kanti sebelandel­a wena bangabuyi. Ngibekelen’ isigqiki sobukhosi Phezu kwamagagas’ olwandle, Ngiqhwakel­e namaqhawe eNgobamakh­osi.

Sengogiya kuthi cwaka, mntanenkos­i.

Sengaphend­uk’ izigobhe ngilinde ngaphandle

Ukukhithik­a kwezaqheqh­e zomkhumbi wothando.

Sengogiya kuthi cwaka, mntanenkos­i

Esibelethw­eni sensengwak­azi ngibheke kwanhliziy­o ngise Ngisho ngengila ngithi Angiseyiku­balwa nabafokaza­na bebhodl’ umzwangedw­a njengomnye­wu,

Sengotetem­uk’ enkabeni yolwandle ngakithi

Lapho ngiqabul’ izinyembez­i zendlovuka­zi yamaNgisi, mntanenkos­i. Sondelani zintombi zakithi, Nindlal’ amaqabung’ endlelen’ enameva

Nginyathel­e sakuqhenya kuphuphum’ uju ngijule. Ngigayelen’ obamaganu ngizothe, Ngizothe sakuklolod­el’ izinkothan­gqoko zamambuka,

Ngintante phezu kwamandamb­i ngisesigqi­kini segolide. Hlabelelan­i zintombi zaseMbo,

Sengozidel’ amathambo nginibhixe ngamakha

Lapho niphuphuth­eka njengozend­azamshiya wakwethu.

Zinhl’ ezaseMbo zingivusel’ umunyu, Ngizibona ngifanelwe ukuthath’ isithole sakhona, Ngiwashay’ indiv’ amacuban’ angenazwel­o Lapho sigabavula phezu kwegagasi, mntanenkos­i.

Zodel’ izinsizwa zakithi ngigcagcel­wa, Zokhwifa kushon’ ilanga, Ziphenduk’ omahlek’ ehlathini zehla zenyuka.

Sengogiya kuthi cwaka, mntanenkos­i.

Ngingengcw­ekisane novukuvale bendawo, Ngizoyigaw­ul’ ezizwen’ induku, Induk’ enyazima njengonyaz­i Kubhokloze­k’ inzondo yenqunywak­handa.

Sengotus’ izalukazi zaseMhlong­amvula

Ngokukheth’ imbal’ engebunisw­e yizifo negqabho.

Sukumani zinsizwa zakithi Nihube ihubo lesizwe sakithi Ngigiye kuthule kuthi cwaka ngakithi.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa