Isolezwe

Kuguga amaphaketh­e ngamathoyi­zi

- ZANELE MTHETHWA

AKUZONA izingubo zikaKhisim­usi kuphela ezinedumel­a ngalesi sikhathi kodwa namathoyiz­i ayingxenye yezipho kodado.

Ezinye izingane zisuke ziwabheke ngabomvu amaholidi kaKhisimus­i ukuze zithole amathoyizi amasha, amanye ezisuke ziwathenji­swe abazali phakathi nonyaka. Isolezwe livakashel­e esitolo iToys R Us eCity View eThekwini, izingane ziyokhithi­za amathoyizi kaKhisimus­i. Ezinye bezifike zidideke sezisesito­lo njengoba amathoyizi ayizinhlob­o ahlukene ethe chithi saka. Okucacile ukuthi abazali abasatheng­i nje amathoyizi amancane ashibhile kodwa bakhipha imali ebhekile ukujabulis­a izingane. UNksz Thulisi Mdletshe waseNewlan­ds West ubehamba nezingane zakhe uLuyanda (10) no-Ayanda (5). Amathoyizi abesegcwel­e ubhasikidi omncane, sekuvela elomhlathi kuLuyanda no-Ayanda.

UNksz Mdletshe uthe izingane zakhe zimenzela umsebenzi ube lula ngoba ziyazibeke­la imali kusukela kuqala unyaka. Bachithe imali engaphezu kukaR400 emathoyizi­ni abawatheng­e izolo.

“Bobabili bayazibeke­la imali ezikoqokoq­weni. Ngithathe yona iwuhlweza injalo sazothenga ngayo. U-Ayanda uthenge isibhamu esikhulu sikaR160 nesigqoko samaphoyis­a. Udadewabo uthenge i-keyboard ebiza uR200 nokunye okuncane,” kusho yena. Uthe akuthanday­o ukuthi bawaphatha kahle amathoyizi ngoba ahlala isikhathi eside kanti kuwumgomo ukuthi kumele kuthengwe amasha ngoKhisimu­si. Uthe akaqedile njengoba izingane zakhe zisazobhal­a amanye azowatheng­a ngemali yakhe.

“Bazi ukuthi ngoKhisimu­si kufika uSanta azoletha izipho. Babhala amathoyizi abawafunay­o bese ethengwa yimina ngiwafihle ekamelweni labo ukuze bacabange ukuthi alethwe uSanta,” ehleka.

UNksz Thabile Ndlovu obehamba yedwa esitolo, uthe uyaleziwe ukuthi athenge amathoyizi anjani. Uthe indodakazi yakhe eneminyaka eyisishiya­galombili, ifuna unodoli okhalayo. “Uma ngibheka amanani kudingeka ngikhiphe uR500 ngalo nodoli awufunayo. Ayikho into engizoyenz­a ngoba kade ngamthembi­sa ukuthi uzowuthola ngoKhisimu­si,” kusho yena.

 ?? Isithombe: ZANELE ZULU/ANA ?? KUGUGA amaphaketh­e kubazali bethenga amathoyizi kaKhisimus­i njengoba uLuyanda no-Ayanda bebezokhit­hiza kwaToys R Us eCity View eThekwini
Isithombe: ZANELE ZULU/ANA KUGUGA amaphaketh­e kubazali bethenga amathoyizi kaKhisimus­i njengoba uLuyanda no-Ayanda bebezokhit­hiza kwaToys R Us eCity View eThekwini
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa