Uyabalisa ngemali enyamalale eyitshale esikhungweni esiyilondolozayo
UKHALA ezimathonsi owesilisa kwesaKwaMthethwa, eMpangeni otshelwe ukuthi imali ayeyitshale esikhungweni esigcina imali wayipha umuntu angamazi waseKapa ngemuva kweminyaka emibili eyifakile.
UMnuz Mbuyiseni Mayisela (70) (osesithombeni) wabeka uR50 000 kwaLiberty Life ngesikhathi ethatha umhlalaphansi ngo-2005. Uthe osebenza kule nkampani wayenehhovisi lakhe eStandard Bank, ePinetown. Ngesikhathi etshala imali wayengazi ukuthi uyifaka kule nkampani wayecabanga ukuthi uyifaka ebhange.
UMayisela, ongafundile, uthe yafika incwadi ekhomba ukuthi imali ilondolozwe kule nkampani kodwa wangakwazi ukuyifunda wayibeka.
“Ngenxa yokuthi angikwazi ukufunda kahle anginakanga. Kuthe uma sengiyifuna imali yami ngabuyela ebhange elangitshela ukuthi angibheke incwadi ngoba le ngxenye yemali engiyifunayo ayikho kubona. Ngabanika base bengichazela ukuthi angenze njani. Angizange ngikholwe uma eLiberty bethi ngokwemininingwane abanayo imali ngayipha umuntu waseKapa engingamazi. “Sekuphele izinyanga eziyisithupha nginikezwe umuntu ophenyayo. Uma ngimshayela ucingo athi uzongithinta kuphele kanjalo,” kukhala uMayisela.
Indodana yakhe, uMnuz Thanda Mayisela, ithe kuningi okungacaci ngalolu daba, njengokuthi imininingwane yalo muntu yalethwa ngubani kubo njengoba eseKapa, uyise eseMpangeni.
“Efomini esikhaleni okumele ngabe kwabhalwa ukuthi bahlobene kanjani akukho lutho. Kulona kuthiwa ubaba wasayina ngo-2008, eThekwini, ukuthi ipholisi uyipha lo muntu kodwa uthi ubehleli eMpangeni. Wagcina ukuya kuleli bhange egatsheni elisePinetown eyofaka imali. Ubesebenzisa eliseMpangeni,” kusho yena.
UNksz Zile Nkosi okhulumela le nkampani uthe ngokwazi kwakhe uMayisela wajoyina kwi-consultant yabo eyayisebhange.
“Ngeshwa angikwazi ukukunika imininingwane ephelele ngalolu daba ngoba luyaphenywa. Osekusele wukuthi uMayisela avule icala emaphoyiseni ukuze abaphenyi bethu bafune olunye ulwazi abangakalutholi,” kusho yena.