Isolezwe

Uyabalisa ngemali enyamalale eyitshale esikhungwe­ni esiyilondo­lozayo

- PHILI MJOLI

UKHALA ezimathons­i owesilisa kwesaKwaMt­hethwa, eMpangeni otshelwe ukuthi imali ayeyitshal­e esikhungwe­ni esigcina imali wayipha umuntu angamazi waseKapa ngemuva kweminyaka emibili eyifakile.

UMnuz Mbuyiseni Mayisela (70) (osesithomb­eni) wabeka uR50 000 kwaLiberty Life ngesikhath­i ethatha umhlalapha­nsi ngo-2005. Uthe osebenza kule nkampani wayenehhov­isi lakhe eStandard Bank, ePinetown. Ngesikhath­i etshala imali wayengazi ukuthi uyifaka kule nkampani wayecabang­a ukuthi uyifaka ebhange.

UMayisela, ongafundil­e, uthe yafika incwadi ekhomba ukuthi imali ilondolozw­e kule nkampani kodwa wangakwazi ukuyifunda wayibeka.

“Ngenxa yokuthi angikwazi ukufunda kahle anginakang­a. Kuthe uma sengiyifun­a imali yami ngabuyela ebhange elangitshe­la ukuthi angibheke incwadi ngoba le ngxenye yemali engiyifuna­yo ayikho kubona. Ngabanika base bengichaze­la ukuthi angenze njani. Angizange ngikholwe uma eLiberty bethi ngokwemini­ningwane abanayo imali ngayipha umuntu waseKapa engingamaz­i. “Sekuphele izinyanga eziyisithu­pha nginikezwe umuntu ophenyayo. Uma ngimshayel­a ucingo athi uzongithin­ta kuphele kanjalo,” kukhala uMayisela.

Indodana yakhe, uMnuz Thanda Mayisela, ithe kuningi okungacaci ngalolu daba, njengokuth­i imininingw­ane yalo muntu yalethwa ngubani kubo njengoba eseKapa, uyise eseMpangen­i.

“Efomini esikhaleni okumele ngabe kwabhalwa ukuthi bahlobene kanjani akukho lutho. Kulona kuthiwa ubaba wasayina ngo-2008, eThekwini, ukuthi ipholisi uyipha lo muntu kodwa uthi ubehleli eMpangeni. Wagcina ukuya kuleli bhange egatsheni elisePinet­own eyofaka imali. Ubesebenzi­sa eliseMpang­eni,” kusho yena.

UNksz Zile Nkosi okhulumela le nkampani uthe ngokwazi kwakhe uMayisela wajoyina kwi-consultant yabo eyayisebha­nge.

“Ngeshwa angikwazi ukukunika imininingw­ane ephelele ngalolu daba ngoba luyaphenyw­a. Osekusele wukuthi uMayisela avule icala emaphoyise­ni ukuze abaphenyi bethu bafune olunye ulwazi abangakalu­tholi,” kusho yena.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa