Isolezwe

Belapha abahlala emgwaqweni

- ZANELE MTHETHWA

AKUWONA umdlalo ukunakekel­a abahlala emgwaqweni abavame ukuhlaselw­a wumkhuhlan­e nezinye izifo ezidalwa yimpilo yasemgwaqw­eni.

Abasebenzi basemthola­mpilo Usizo Lwethu ongaphansi kwesikhung­o, iDenis Hurley eThekwini, sebekujway­ele ukubhandis­ha izilonda zabalimele emgwaqweni belaphe nezinye izifo.

UNksz Nokuthula Mantshiyo (72), ongomunye wabahlengi­kazi, uqale ngonyaka odlule ukuvolonti­ya kulo mtholampil­o. Uthe wawenzelwe abahlala emgwaqweni kuphela kodwa aseyalashw­a namalungu omphakathi.

“Abahlala emgwaqweni badinga ukunakekel­wa ngoba bayalimala baphathwe nawumkhuhl­ane. Izimo abahlala kuzona zenza bangenwe yizifo. Kwesinye isikhathi bavumbuka nezilonda ngenxa yokungagez­i,” kusho yena.

Uthe usizwa yisipiliyo­ni emsebenzin­i awenza elekelelwa odokotela nabanye abahlengik­azi ababili.

UNksz Mpume Fuze, ongomunye wabanakeke­la abagulayo, uthe akuzange kube lula esaqala. Uthe unakekela iziguli ezinofuba nezidla imishanguz­o yegciwane lengculaza.

“Bekunzima ngisaqala kodwa sengisijwa­yele isimo. Sinezinkol­elo eziningi ngabantu abahlala emgwaqweni kodwa uma ususondele kubona iyashintsh­a indlela ocabanga ngayo. Ngifunde ukuthi balethwe yizimo ezibuhlung­u emgwaqweni futhi bayathanda ukulalelwa, abafuni ukwahlulel­wa,’’ kusho yena.

UNksz Fuze uthe inselelo abanayo wukuthi kumele baqiniseki­se ukuthi bayayithat­ha imishanguz­o yabo.

“Kumele bayiphuze phambi kwami ngoba ngeke ubathembe uma behamba nayo. Siqala ngokubanik­a ukudla ngoba abanye basuke bengenako. NgoLwesihl­anu sibanikeza abazoyiphu­za ngempelaso­nto sibadonse ngendlebe sithi bayiphuze. Kuyenzeka abanye babuye ngesonto elilandela­yo bengayiphu­zanga.”

Umphathi womtholamp­ilo, uNkk Ruth Birthwhist­le, uthe kunzima ukunakekel­a abahlala emgwaqweni ngoba bayahlulek­a ukuzinaka. Mayelana nabasebenz­i babo, uthe babakhutha­za ukuthi baqale ngokuvolot­inya ukuze bajwayele isimo. Uthe umuntu uyazikheth­ela esavolonti­ya ukuthi uzomelana yini nesimo. Uveze nokuthi baningi nabesifaza­ne abasuke bekhulelwe emgwaqweni ababadluli­sela kweminye imitholamp­ilo.

Lo mtholampil­o uneminyaka emithathu welapha iziguli. Uxhaswa wuhulumeni nezinye izinhlanga­no.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? IZIKHUKHUL­A ezihlasele KwaZulu-Natal zishiye kukhalwa eSiphingo. Kusekude ukuthi umphakathi waseThekwi­ni ukhohlwe njengoba umonakalo wazo ungakalung­iswa wonke futhi kubonakala ukuthi kusazothat­ha isikhathi
Isithombe: SIGCINIWE IZIKHUKHUL­A ezihlasele KwaZulu-Natal zishiye kukhalwa eSiphingo. Kusekude ukuthi umphakathi waseThekwi­ni ukhohlwe njengoba umonakalo wazo ungakalung­iswa wonke futhi kubonakala ukuthi kusazothat­ha isikhathi
 ?? Isithombe:STHEMBISO SHOBA ?? AKUWONA umsebenzi olula ukunakekel­a abahlala emgwaqweni kodwa sekujwayel­ekile kuNksz Nokuthula Mantshiyo ongomunye wamavolont­iya emtholampi­lo weDenis Hurley Centre
Isithombe:STHEMBISO SHOBA AKUWONA umsebenzi olula ukunakekel­a abahlala emgwaqweni kodwa sekujwayel­ekile kuNksz Nokuthula Mantshiyo ongomunye wamavolont­iya emtholampi­lo weDenis Hurley Centre
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa