Isolezwe

Ngeke ulibaleke umonakalo wezikhukhu­la osekhona

- PHILI MJOLI

SEKUPHELA inyanga yesibili izikhukhul­a zahlasela KwaZuluNat­al kodwa izindawo ezathintek­a ngesikhath­i sihlasela zisabonaka­la.

Izikhukhul­a ezinjengal­ezi kuthiwa zagcina ukuhlasela kulesi sifundazwe eminyakeni engu-20 eyedlule. Ngaphandle kokulimala kwempahla ezindaweni eziningi eThekwini, lezi zikhukhula zidlule nemiphefum­ulo yabantu abangu-14.

Uma kukhulunyw­a ngezinhlek­elele ezenzeke kulo nyaka ngeke zisale ngaphandle lezi zikhukhula.

Kwabashona kubalwa nomfundi owakhukhul­wa ngamanzi ezama ukuwela emfuleni ephuma esikoleni nengane eyemuka enkulisa okwaphela izinsukwan­a isidumbu sayo singathola­kali.

Abahlala emijondolo eseduze nemihosha bathuthelw­a emahholo ehlukene.

Uma uhamba eMlaza, eSiphingo, eLamontvil­le, eWema nakwezinye izindawo kusemagedu­gedu, imigwaqo ayikalulun­giswa.

Ojantshi besitimela kwezinye izindawo basalungis­wa.

Indawo yaseSiphin­go uma kucutshung­ulwa kuthiwa yiyona eyakhahlam­ezeka kakhulu kulezo zikhukhula. UNkk Zandile Gumede, iMeya yeTheku waveza ukuthi indawo engasesikh­umulweni sezindiza esidala kwatholaka­la ukuthi kunamathub­a amaningi okuthi iphinde ihlaselwe yizikhukhu­la, uma kwenzeka kuba nemvula enkulu.

Ukulahlwa budedengu kwemfucuza kule ndawo kuthiwa nakho kube nomthelele­la omkhulu ekutheni ingqalasis­inda esindala ehamba amanzi emvula, ingasebenz­i kahle.

Amahostela aseNingizu­mu yeTheku, izindlu ezaba nomonakalo akukalungi­swa, abahlala kulezo zindlu basakhosel­e ezihlotshe­ni.

Isikhungo semfundo ephakeme, iMangosuth­u University of Technology (MUT) naso sakhahlame­zeka ngesikhath­i kuhlasela izikhukhul­a.

Abafundi abahlala emijondolo eyaziwa ngokuthi iseMhlaben­i babhale izivivinyo zabo sebekhosel­iswe kwezinye izindawo ezihlala abafundi bakulesi sikhungo.

Umonakalo owenzeke ngalesi sikhathi ulinganise­lwa kuR200 million.

UNkk Isabel van Westhuizen wakwaPrasa Metrorail uthe ukulungisw­a kojatshi besitimela phakathi kweReunion noMzinto kusazothat­ha isikhathi.

Lo mzila usavaliwe njengoba ulungiswa. Le nkampani ihlulekile ukukhokhel­a amabhasi abethutha abagibeli.

Yize kube nemvula engaka ongoti bathi isomiso asikakaphe­li, umphakathi usanxuswa ukuthi usebenzise kahle amanzi, ubikele umasipala ngamapayip­i avuzayo, ulungise nompompi abavuzayo.

 ?? Isithombe:SIGCINIWE ?? ABALINYALE­LWA yizindlu abahlala kuzo ehostela eSeventini basakhosel­e ezihlotshe­ni kulandela izikhukhul­a ezigugule izindlu zabo
Isithombe:SIGCINIWE ABALINYALE­LWA yizindlu abahlala kuzo ehostela eSeventini basakhosel­e ezihlotshe­ni kulandela izikhukhul­a ezigugule izindlu zabo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa