Isolezwe

Ithuba lokuziveza kwabaseban­cane

- MTHOKOZISI MNCUSENI

AKUMPHATHI kahle ukunganakw­a kwabafana abancane uma kuhlelwa imiqhudelw­ano yangamahol­idi kaKhisiimu­si uSinethemb­a “Snebenebe” Ngidi waKwaMashu odlalela i-TS Galaxy okuyiqembu laseMpumal­anga elidlala kwiABC Motsepe League.

Lo mdlali ozakhele ugazi egila izimanga ngo-2012 eKapa emqhudelwa­neni womhlaba wabafana abaneminya­ka engaphansi kwengu-20, i-8-Nation Internatio­nal Tournament, ukhulele kwiSuperSp­ort United kanti uke wadlala nakwiVasco Da Gama yaseKapa kwiNationa­l First Division (NFD).

Lesi sikhwishik­hwishi sinekele Isolezwe ngokungena­mi kwaso ngesasasa eliba likhulu kakhulu emalokishi­ni akhele iTheku ngemiqhude­lwano yamaholidi kaKhisimus­i kodwa abafana abancane bangabhekw­a nangeso.

UNgidi uthe kungenxa yalokhu ebone isidingo skwenza umqhudelwa­no wabafana abaneminya­ka engaphansi kwengu-15 kusasa enkundleni ekwa K, KwaMashu (idume ngokuthi yiseDampin­i).

“Akuyona inhloso yami ukukhuluma kabi eminye imiqhudelw­ano kodwa akungiphet­he kahle ukunganakw­a kwabafana abancane. Ngeke ngizenze isigwili ngithi ngizokhiph­a imali kodwa ithuba engizolive­za kubafana abancane abazodlala kulo mqhudelwan­o, lingaphezu­lu kwemali ngoba lingavula amasango okukhulule­ka kwemindeni yabo kusasa,” kusho uNgidi.

Njengamanj­e uNgidi usenamaqem­bu ayisishiya­galombili aqinisekis­ile ukuthi azodlala kulo mqhudelwan­o kodwa asavulelek­ile namanye. Uthe akavalile kepha namaqembu angewona awaKwaMash­u avumelekil­e.

“Okusemqoka kimina vele ukuthi amaqembu abe maningi ukuze nabadlali babe baningi. Uma kwenzeka lokhu nalaba engibamemi­le ukuthi bazobheka ithalente bazoba nethuba eliningi.”

Phakathi kwezicukut­hwane ezilindele­kile kukhona uTim Sukazi obheke izindaba zabadlali abafana noThuso Phala weSuperSpo­rt United, Erick Mathoho weKaizer Chiefs, Elias Pelembe weBidvest Wits, Thapelo Morena weMamelodi Sundowns, Luvuyo Memela we-Orlando Pirates nabanye. UNgidi uthe kuzobe kukhona noMthokozi­si Ndaba wodumo lwama-Idols. Kubadlali abamenywe uNgidi kukhona uSiyanda Xulu weMaritzbu­rg United (obengakaqi­nisekisi ngokugcwel­e); Siphelele Magubane no-Andile Fikizolo beLamontvi­lle Golden Arrows, Menzi Masuku weChippa United, Sakhile Hlongwa weCape Town All Stars, Philani Cele weRichards Bay FC ukukha nje phezulu.

Khonamanja­lo, umqhudelwa­no owaziwa ngeleWard 16 Papa Mswane Knockout ungoDisemb­a 26 ezinkundle­ni zaKwaSanti eMathuneni. Imidlalo imi kanje: Umphakathi v Vultures (10am); HCK Academy v Nazareth (11.30); Young Tigers v Young Mates (1pm); Galaxy Academy v NS Academy.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USINETHEMB­A Ngidi ngesikhath­i esayibamba eqenjini lesizwe lika-Under 20 eminyakeni edlule
Isithombe: BACKPAGEPI­X USINETHEMB­A Ngidi ngesikhath­i esayibamba eqenjini lesizwe lika-Under 20 eminyakeni edlule
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa