Ithuba lokuziveza kwabasebancane
AKUMPHATHI kahle ukunganakwa kwabafana abancane uma kuhlelwa imiqhudelwano yangamaholidi kaKhisiimusi uSinethemba “Snebenebe” Ngidi waKwaMashu odlalela i-TS Galaxy okuyiqembu laseMpumalanga elidlala kwiABC Motsepe League.
Lo mdlali ozakhele ugazi egila izimanga ngo-2012 eKapa emqhudelwaneni womhlaba wabafana abaneminyaka engaphansi kwengu-20, i-8-Nation International Tournament, ukhulele kwiSuperSport United kanti uke wadlala nakwiVasco Da Gama yaseKapa kwiNational First Division (NFD).
Lesi sikhwishikhwishi sinekele Isolezwe ngokungenami kwaso ngesasasa eliba likhulu kakhulu emalokishini akhele iTheku ngemiqhudelwano yamaholidi kaKhisimusi kodwa abafana abancane bangabhekwa nangeso.
UNgidi uthe kungenxa yalokhu ebone isidingo skwenza umqhudelwano wabafana abaneminyaka engaphansi kwengu-15 kusasa enkundleni ekwa K, KwaMashu (idume ngokuthi yiseDampini).
“Akuyona inhloso yami ukukhuluma kabi eminye imiqhudelwano kodwa akungiphethe kahle ukunganakwa kwabafana abancane. Ngeke ngizenze isigwili ngithi ngizokhipha imali kodwa ithuba engizoliveza kubafana abancane abazodlala kulo mqhudelwano, lingaphezulu kwemali ngoba lingavula amasango okukhululeka kwemindeni yabo kusasa,” kusho uNgidi.
Njengamanje uNgidi usenamaqembu ayisishiyagalombili aqinisekisile ukuthi azodlala kulo mqhudelwano kodwa asavulelekile namanye. Uthe akavalile kepha namaqembu angewona awaKwaMashu avumelekile.
“Okusemqoka kimina vele ukuthi amaqembu abe maningi ukuze nabadlali babe baningi. Uma kwenzeka lokhu nalaba engibamemile ukuthi bazobheka ithalente bazoba nethuba eliningi.”
Phakathi kwezicukuthwane ezilindelekile kukhona uTim Sukazi obheke izindaba zabadlali abafana noThuso Phala weSuperSport United, Erick Mathoho weKaizer Chiefs, Elias Pelembe weBidvest Wits, Thapelo Morena weMamelodi Sundowns, Luvuyo Memela we-Orlando Pirates nabanye. UNgidi uthe kuzobe kukhona noMthokozisi Ndaba wodumo lwama-Idols. Kubadlali abamenywe uNgidi kukhona uSiyanda Xulu weMaritzburg United (obengakaqinisekisi ngokugcwele); Siphelele Magubane no-Andile Fikizolo beLamontville Golden Arrows, Menzi Masuku weChippa United, Sakhile Hlongwa weCape Town All Stars, Philani Cele weRichards Bay FC ukukha nje phezulu.
Khonamanjalo, umqhudelwano owaziwa ngeleWard 16 Papa Mswane Knockout ungoDisemba 26 ezinkundleni zaKwaSanti eMathuneni. Imidlalo imi kanje: Umphakathi v Vultures (10am); HCK Academy v Nazareth (11.30); Young Tigers v Young Mates (1pm); Galaxy Academy v NS Academy.