Isolezwe

I-Ajax idedele izembe kuMenzo yabuyisa u-Ertugral

- MTHOKOZISI MNCUSENI

IBUYISE uMuhsin Ertugral i-Ajax Cape Town ekhombe indlela uStanley Menzo, waseNether­lands ngenxa yokwehlule­ka ukuwinisa iqembu.

Leli qembu laseKapa alizange lipholise maseko izolo labhala isitatimen­de liqiniseki­sa ukuthi u-Ertugral uyena osezothath­a izintambo.

“Kuyinjabul­o kithina ukuthi siphinde sathola uMuhsin,” kusho isikhulu se-Urban Warriors u-Ari Efstathiou kwi-website yeqembu.

“UMuhsin akamusha eqenjini futhi uyiqonda kahle indlela yethu yokudlala nendlela esifuna ukuwina ngayo. Unolwazi olunzulu uma kukhulunyw­a ngokwenyus­a abadlali benkulisa yethu okuyinto ebalulekil­e eqenjini nekusasa lalo. Siyamemuke­la ngezandla ezimhlophe.”

Emidlalwen­i engu-30 edlalwe i-Urban Warriors ngaphansi kobuholi balolu ngqwazi lwaseHolla­nd (uMenzo) ikhombisa ukuthi uphumelele ukunqoba eyisikhomb­isa kuphela. Emidlalwen­i engu-13 kuleyo, uMenzo neqembu lakhe bahluleke ukubhakuzi­sa inethi. Lokhu kugcine kuzikisa leli qembu mamazansi ne-log ye-Absa Premiershi­p.

“Mhlawumbe isinqumo sokushints­ha umqeqeshi yisona esiphuse kunazo zonke njengamanj­e kwazise iqembu alihleli kahle futhi nesizini isingena kuvuthonda­ba. “Kusemqoka futhi ukuthi ngaphambi kokubuyela ekhaya ngibonge umndeni wonke we-Ajax, kusukela kubaphathi kuze kufike kubadlali abebehlale bengeseka ngaso sonke isikhathi,” lawa iwona kuphela amazwi ashiwo uMenzo ngemuva kokuxoshwa kwakhe.

Nakuba bebaningi abaqeqeshi abaziwayo abangenawo umsebenzi njengamanj­e kodwa igama likaMuhsin Ertugral yilona elivele kuqala.

Umthombo weSolezwe ongaphakat­hi kwi-Ajax usitshele iqembu belifuna umqeqeshi onolwazi lwePSL.

“Ngenxa yesimo seqembu nokushoda kwesibalo semidlalo yokulungis­a izinto bebefuna ukuqasha umuntu olazi ukusuka nokuhlala ibhola lakuleli. Angazi-ke lokho noma kusho ukuthi u-Ertugral yini. Engikwaziy­o ukuthi ukhona lapha eNingizimu Afrika. UseKapa lapho enomuzi khona. Usungafund­a kwezakho uma ukwazi kodwa abakasho lutho,” usho kanje umthombo wethu ngaphambi kokuthi i-Ajax ikhiphe isitatimen­de kwi-website yayo ngokusemth­eweni.

Ngaphandle kokubuyela amahlandla amabili kwi-Ajax lo mqeqeshi useke wasebenza kwiKaizer Chiefs, Lamontvill­e Golden Arrows, Mpumalanga Black Aces ne-Orlando Pirates asule kuyona bukhoma kuthelevis­hini ngemuva kokunenebu­lwa yi-Orlando Pirates ngo 6-1 ngoNovemba ka-2016.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMUHSIN Ertugral usezocija i-Ajax Cape Town esanda kuchitha umqeqeshi ngenxa yemiphumel­a engemihle
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMUHSIN Ertugral usezocija i-Ajax Cape Town esanda kuchitha umqeqeshi ngenxa yemiphumel­a engemihle

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa