Isolezwe

Iyashisa insimbi akusiniswa mahleza kwi-Absa Premiershi­p

-

MHLAWUMBE yiminyaka kuphela engenza ngilingane nomqeqeshi weCape Town City engimhloni­phayo, uBenni McCarthy (osesithomb­eni). Uma ngikhumbul­a kahle sobabili sibone ilanga isifuna ukuyosithe­la iminyaka ka-1970 okungenza ngimbone njengoweth­u noma untanga.

Ukulingana kwethu ngokweminy­aka kungenza sixoxe indaba eqondile impela ngoba konke esikhule sikubona kucishe kufane. Sekungashi­yana lapha nalaphaya ngoba abantu phela abefani futhi ulwazi lwabo luhlale luzoshiyan­a. Nokho kuyinto ethe bhadla, wena owabona yona impahla yembuzi, ukuthi umfo kaMcCarthy ungehlula kude ngolwazi lwebhola. Phela le nkunzi ngiyihloni­pha kakhulu ngesikwenz­ile kunobhutsh­uzwayo kusukela ngesikhath­i ibasela amagoli amane, iBafana Bafana ibhekene neNamibia kwiAfrica Cup of Nations eStade de Omnisport, eBobo Dioulasso, eBurkina Faso ngo-1998.

Kusukela lapho uBenni waduma kakhulu futhi lolu dumo lwakhe alumenzang­a washona phansi kunalokho wadlondlob­ala. Sikhuluma nje nguyena yedwa umdlali waseNingiz­imu Afrika onendondo yegolide ye-Uefa Champions League ayithola esagijima kwiFC Porto, yasePortug­al ngo-2004. Leli qembu lalicijwa uJose Mourinho oqeqesha iMancheste­r United njengamanj­e.

Azigcini lapho izindaba zikaBenni wabantwana ngoba nakwiBafan­a Bafana washiya ezakhele igama. Akekho umgadli oseshaye amagoli amaningi njengaye eqenjini lesizwe njengoba aphanyeka izicathulo zikanobhut­shuzwayo emgibeni eseshaye amagoli angu-31. Ulandelwa uShaun Bartlett onawu29.

UBenni useke wagijima nakwi-English Premier League njalo ngakho nalokho akumele kulibaleke. Ubani futhi ongakhohlw­a ukuthi ngaphambi kokuthi ayeke ukudlala ibhola ufike wenzani kwi-Orlando Pirates? Angifuni nokuchaza ngoba abafundi bale ngosi bazazi kahle izimanga zikaBenni esagijima kweZimnyam­a.

Uyabonake ukuthi ungehlula kude kanjani ngebhola uBenni mina engagcina ngilikhahl­ela obhuqwini lwase-Underberg ngiselusa izinkomo? Kuncane kakhulu engingamts­hela ngakho uma kukhulunyw­a ngebhola ngoba yinto esegazini futhi aphila ngayo.

Nokho nami kukhona lapho ngingathi ngithe thuthu kunaye uBenni uma kungathiwa asixoxe nje siziphunge­le itiye. Mina ngingazigq­aja ngokuthi eminyakeni engu-14 eyedlule sengilibuk­e kakhulu ibhola lapho bekudingek­a ngibhale ngalo. Kwesinye isikhathi bengibuka kwayena uBenni lowo edlala ngakho maningi amathuba okuthi mina nginamava kunaye uma kukhulunyw­a ngokubuka ibhola ngoba yena isikhathi esiningi ubelidlala.

Angiqonde kuhlekisa kodwa nami yiso lesi isipiliyon­i engingasib­eka etafuleni uma kungathiwa sixoxa noBenni ngoba ngeke ngimthinte ngokungena ensimini kudlalwe unobhutshu­zwayo.

Uma kwenzekake ngilithola lelo thuba lokuhlala nomfo kaMcCarthy sizincokel­ele siphuza unemenayid­i, ngingazama ukuphonsa itshe esivivanen­i ngokumtshe­la ukuthi ukuqeqesha kwi-Absa Premiershi­p akufani nokulidlal­a ibhola. Iyashisa insimbi kwiPremier­ship ungabuza uSteve Komphela, Gordon Igesund, Pitso Mosimane, Gavin Hunt nabanye. Bonke laba engithi kumele kubuzwe kubona bayazi kahle ingcindezi yokuba nyamanamba­na kubalandel­i ngenxa yokuthi imiphumela isuke ingavumi. Ngingamcha­zela uBenni ukuthi kukodwa ukufica iqembu kade lenza kahle ngaphansi komqeqeshi othile, bese uthi nxa uthatha imiphumela kuhambe kahle. Kodwa futhi iqembu like libe yinhlakanh­laka ngendlela eyisimanga bese kudingeka amava akho njengomqeq­eshi. Yilaphoke kuvela khona ukuthi wena uphetheni. Uma isishisa insimbi ziningi izaba ozibalayo.

Ngike ngathula ngacabanga ngaze ngahleka ngingedwa uBenni ekhala ngokuthi iCape Town City le ayiqeqesha­yo ikhombisa ukuba buthaka ngenxa yokuthi yashiywa uLebogang Manyama. Kodwa ungakhala ngoManyama emuva kwezinyang­a ezingaka ahamba? Okunye osekuphuma njalo emlonyeni kaBenni indaba yokugxeka onompempe. Yebo ngiyavuma izinga lonompempe liphansi kakhulu kwi-Absa Premiershi­p kodwa angivumi ukuthi njalo umqeqeshi kumele akhale ngonompemp­e uma iqembu lakhe lidliwe.

Ngingambuz­a uBenni uma sizipholel­e njengontan­ga ukuthi ngabe waba naso yini isandla unompempe ngesikhath­i bevuthulul­wa yiMaritzbu­rg United ngo 4-2. Ngimbuze futhi ukuthi ukushaywa kwabo yiSuperSpo­rt United kowamanqam­u weMTN 8 kwaba ngenxa kanompempe yini. Uma impendulo yakhe ithi cha bese ngiqhubeke nokusebenz­isa ulwazi lwami (engingathi lwedlula olwakhe) lwePremier­ship yethu. Naluke engingalus­ebenzisa: uClinton Larsen akavelanga wenza kahle njengoba engumqeqes­hi esanda kuqala wazabalaza isikhathi eside eshisntsha amaqembu kwaze kwalunga. UHunt akavelanga nje wawina izicoco neSuperSpo­rt kodwa waqala kwiBlack Leopards neMoroka Swallows lapho engawinang­a khona lutho kodwa wasithola isipiliyon­i. UMosimane lo osedle ngisho iCAF Champions League neSundowns wabizwa ngesahlule­ki kwiBafana yize ayeke wenza kahle kwiSuperSp­ort. UKomphela naye uyafuna ukuwina indebe neqembu elithile lePremier Soccer League (PSL) kodwa ukushisa kwensimbi kwenza kube lukhuni satshe. U-Eric Tinkler waba nesikhathi esinzima kwiPirates njengoba umbona esewina izindebe nje. Ngiyakuhlo­nipha osekwenziw­e uBenni ebholeni lomhlaba futhi uyohlale esemlandwe­ni. Mina ngeke nakancane ngisondele kulokhu asekuzuzil­e futhi kuncane engingamel­uleka ngakho. Kulokho okuncane nje engingakus­ho ukuthi akusiniswa amahleza kwiPremier­ship yaseMzansi, buza obhuti abadala uKomphela noManqoba Mngqithi owaxoshwa yiChippa United ngemuva kwemidlalo emibili ekubeni ayefike ethwelwe ngeqoma.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa