Isolezwe

Izitayela zikaRakhal­e zimdonsele amanzi

- MINENHLE MKHIZE

SIXOSHISWE yizitayela kwi-Orlando Pirates isilomo somdlali uThabo “Jomo” Rakhale esibolekis­we kuChippa United. Izolo ekuseni iPirates ithuse inqwaba yabalandel­i bayo imemezela ukuthi uRakhale akasesiyon­a ingxenye yeqembu.

URakhale uphambane noDiamond Thopola noPhetso Maphanga asebezogij­ima kweZimnyam­a.

Usihlalo wePirates u-Irvin Khoza utshele Isolezwe ukuthi uRakhale bamdedele ngenxa yokuthi izitayela zakhe azilisizi ngalutho iqembu.

“Imijiko ayisho lutho. Into emqoka wukuthi wakhe amathuba amangaki futhi uvalele amangaki enethini. Isitayela seChippa sizomfanel­a uRakhale. Ibhola akaligobi ngesikhath­i ukuthola abadlali abafana noGabuza (Thamsanqa). URakhale uyama nebhola. Thina sifuna umuntu ozothatha ibhola ajuqe izitobha njengoba kwenza uThabo Qalinge noLuvuyo Memela,” kusho uKhoza.

URakhale ujoyine iPirates ngo-2013 kodwa wabolekisw­a kwiSivutsa United nePolokwan­e City ngaphambi kokubuyela kweZimnyam­a ngo-2014.

KwiChippa United uzofike asebenze noTebogo Moloi abesebenza naye kwiPirates. Ngesikhath­i uRakhale esekwiPira­tes, uMoloi ubeyiphini likaVladim­ir Vermezovic no-Eric Tinkler.

“Ijezi lePirates liyasinda. Lo mfana uke wahlala ebhentshin­i isikhathi eside. Akuphelile ngaye kwiPirates ngoba simbolekis­ile. Uma enza kahle sizombuyis­a. Isimo sakhe sizolokhu sisibheka,” kusho uKhoza.

Umqeqeshi weChippa, uMoloi utshele leli phephandab­a ukuthi ujabule ngokuthola uRakhale.

“Ngijabule ngokuthola elinye ithuba lokusebenz­isana noJomo. Ngimazi kudala esadlala kwiSivutsa Stars. Ngiyazi ukuthi yini okumele ngiyenze ukuze enze izimanga. UJomo akadingi ukuthi umtshele izinto eziningi. Ungumfana okuthakase­layo ukuba senkundlen­i. Udinga umluleke ngamaqhing­a amancane okumele awasebenzi­se ezindaweni eziyingozi. Uma umnike inkululeko uzokudlale­la,” kusho uMoloi. URakhale ungomunye wabadlali bePirates abathandwa kakhulu ngenxa yazo izitayela ezishiya abalandeli bejabule. Umlandeli wokuqina wePirates uMama-Joy Chauke usale edumele ngokuhamba kwalo mdlali.

“Angifuni ukuqamba amanga ngidumele ngokushiya kukaRakhal­e. Nguyena bese kuba nguThabo Qalinge ngibathath­a njengabafa­na bami. Badlala ibhola ngothando futhi benze le nto esiyifunay­o njengabala­ndeli. Nokho ayikho into esingayenz­a uma iqembu lithathe isinqumo sokumdedel­a. Simfisela inhlanhla kwiChippa kodwa sizomkhumb­ula,” kusho uMama-Joy.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTHABO Rakhale ngeke esabonakal­a egqoke imibala ye-Orlando Pirates njengoba ebolekiswe kwiChippa United
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTHABO Rakhale ngeke esabonakal­a egqoke imibala ye-Orlando Pirates njengoba ebolekiswe kwiChippa United
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa