Isolezwe

Ugence isihlobo ngembazo sashona

- NONTUTHUKO NGUBANE

USHAQEKILE umphakathi waseMbalan­e, eMuden ngaphandle kwaseGreyt­own, ngesigamek­o sokugencwa ngembazo kukamzala obehlupha amalungu omndeni ngoKhisimu­si.

UMnuz Mzamo Ndlovu (21) ushone kulandela ukugencwa umzala wakhe ngembazo kade bezihlalel­e bephuza ngoKhisimu­si.

Abazali bakamufi nomsolwa kuthiwa abandawony­e.

Isolezwe lithole ukuthi umufi ubehlupha ehilizisan­a nabantu, efuna nokubagwaz­a ngommese.

Umufi ubesexoshw­a emzini kamzala wakhe, abevele bengazwani naye kulandela ingxabano abake baba nayo ethinta ukwebiwa kwezinkomo. Umufi kuthiwa unqabile ukuhamba kodwa wavele wakhipha ummese, wavimba emnyango ethi uzogwaza wonke umuntu.

Umzala kuthiwa uthathe imbazo ebisemnyan­go wamgenca kanye entanyeni, umufi ushonele khona lapho.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, ukuqinisek­isile ukuthi umzala oneminyaka engu29 uboshiwe endaweni yesigameko, nembazo esetshenzi­siwe itholwe endaweni yesigameko isagcwele igazi.

“Amaphoyisa ase-Rietvlei avule icala lokubulala kulandela ukuba owesilisa ona-21 egencwe ngembazo. Esisakutho­lile ngokopheny­o ukuthi umsolwa ubehlezi kuphuzwa ngoKhisimu­si. Umsolwa kuthiwa uqhamuke nembazo wamgenca. Kubizwe amaphoyisa afike abopha owesilisa ona-29. Imbangela ngesigamek­o iyaphenywa. Umsolwa uzovela ngoLwesith­athu (namuhla) eNkantolo yeMantshi eGreytown,” kusho uZwane.

Ikhansela le-IFP kule ndawo, uMnuz Bhojabhoja Dlamini, lithe lesi sigameko silishaqis­ile futhi likhathaze­kile kakhulu ngaso. “Umndeni ngibonene nawo namhlanje (izolo) ngesigamek­o esibehlele. Ngokuzwa ngabo kube nokuphamba­na kade kuhleziwe kuphuzwa. Babe sebejahana befuna ukulwa. Umnikazi womuzi nongumsolw­a uthole imbazo egcekeni, wayisebenz­isa kwagcina kuphume isidumbu. Siyakugxek­a okwenzekil­e,” kusho uDlamini.

Uthe sekujwayel­ekile endaweni ukuba kube nezigameko ezifuze lezi uma abantu bezijabuli­sa ngotshwala.

“Sifuna ziphele lesi zigameko zokubulawa kwabantu kade kuphuzwa utshwala. Abantu abafunde ukuthi bangaphuzi beqise baze bazithole sebelimaza abanye noma belinyazwa. Isikhathi sokuba ujabule kodwa uqaphele nempilo yakho,” kusho uDlamini. Le ndaba kuthiwa ikhulunywa kuso sonke isigodi njengoba ishaqe umphakathi.

Ilungu lomndeni elithintwe Isolezwe izolo alithandan­ga ukuphawula lathi lubucayi udaba njengoba kukhona oboshiwe ngesigamek­o.

Uyise kamufi akazange atholakale izolo kade efonelwa njengoba kuthiwa lapho behlala khona amafoni awadonsi. Baze batholakal­e emafonini uma bengekho ekhaya.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa