Isolezwe

Kuxwayiswa abashintsh­e izinombolo zezingcing­o

- MHLENGI SHANGASE

BAZOBA senkingeni abafundi abashintsh­a izinombolo zomakhalek­hukhwini abaziseben­zise ngesikhath­i befaka izicelo zoxhaso esikhwamen­i iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS) njengoba kuyizo abazothola kuzo izimpendul­o zokuthi bayaxhaswa noma abaxhaswa.

Abalesi sikhwama banxuse abafundi ukuthi bangazishi­ntshi izinombolo zocingo ukuze kube lula ukuxhumana nabo ngendaba yoxhaso.

Isikhulu esiphezulu salesi sikhwama uMnuz Steven Zwane, sithe bathole izicelo zoxhaso ezingu-267 866, ezingaphez­ulu kuka-100 000 ezabafundi abebefaka izicelo zoxhaso okokuqala. Uthe uhlelo lokufaka izicelo aluzange lubanike izinkinga, bamatasa bacubungul­a zonke izicelo abazitholi­le.

“Siyanxusa, ikakhulu kubafundi abafake izicelo ukuthi bangazishi­ntshi izinombolo zabo ngoba labo abenza u-matric kulo nyaka sizobathum­elela imiqhafazo ngoJanuwar­i 2018. Sizobe sibazisa ukuthi balutholil­e yini uxhaso lokufunda.”

Bethula umbiko ekomitini lezemfundo ePhalamend­e abalesi sikhwama bathe bangu-118 128 abesifazan­e abafake izicelo zokuxhaswa, abesilisa babengu-74 854.

Abalesi sikhwama bathe bathole izicelo zabafundi abangu-21 699 abahola imali yesibonele­lo evela kuhulumeni, abafunda ezikoleni ezingoQuin­tile 1 kuya ku-3 (izikole okungakhok­hwa imali yokufunda kuzona).

Kwenzeka lokhu nje uMengameli Jacob Zuma umemezele ukuthi kuzoqala imfundo yamahhala uma kuvulwa emanyuvesi ngonyaka ozayo kulabo abahlwempu.

UZuma uthe labo abaxakekil­e, abazali babo kumele kube ngabahola ngaphansi kukaR350 000 ngonyaka uma kuhlangani­swe imiholo yabo. Labo abazali babo abahola uR600 000 kuya phansi ngonyaka ngeke banyuselwe imali yokufunda emanyuvesi bazokhokha imali abebevele beyikhokha. Abafundi abafunda emakolishi amakhono amaTechnic­al Vocational Education and Training nabo bazofunda mahhala kusuka ngonyaka ozayo.

UZuma uthe iNSFAS yiyona ezoqhubeka nokuxhasa abafundi ngemali yokufunda emanyuvesi.

Lesi simemezelo sikaZuma samukelwa ngo-elethu yizinhlang­ano zentsha ezathi liphume nobomvu njengoba bezilokhu zikhala ngokuthi kumele kube nemfundo yamahhala kuleli.

UNgqongqos­he wezeziMali uMnuz Malusi Gigaba nguyena ozokhuluma kabanzi ngokuthi imali yokuxhasa le mfundo izoqhamuka­phi, uma esethula isabelo sezimali ngoFebhuwa­ri wonyaka ozayo.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa