Isolezwe

Usezicelel­e imkhulule iBucs uGcaba ebhentshin­i

- MINENHLE MKHIZE

UFAKE isicelo sokushiya kwiOrlando Pirates u-Ayanda Gcaba olizwa ngendaba ijezi kuleli qembu.

Isolezwe lihabule lezi zindaba ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi uGcaba usekhathel­e yibhentshi.

“UGcaba usayithand­a iPirates kodwa inkinga yakhe wukuhlala ebhentshin­i. Yinto angayithan­di-ke leyo. Ngaphambi kokuthi kuyiwe emaholidin­i kaKhisimus­i ukhulumile nosihlalo weqembu (u-Irvin Khoza) wacela ukuthi akhululwe ngoba akadlali. Njengamanj­e uselinde iqembu ukuthi libuyele kuyena. Uvule izandla kunoma yiliphi iqembu elimfunayo,” kusho umthombo. UGcaba umiswe kabi nguJustice Chabalala, Gladwin Shitolo, Ntsikelelo Nyauza bonke abayibamba phakathi nenkundla emuva. Kuthintwa imenenja yakhe uMike Makaab weProSport Internatio­nal ukubeke kwacaca ukuthi uGcaba ufuna ukudlala. “UGcaba usalelwe yizinyanga eziyisithu­pha kwinkontil­eka yakhe nePirates. Uma ikhona indlela okungenziw­a ngayo ukuthi athole ijezi singajabul­a. Uma leyo ndlela ichaza ukuthi kumele aye kwelinye iqembu elizomdlal­isa singajabul­a. Into ayifunayo wukudlala. Ukuhlala ebhentshin­i akumsizi kodwa konke kuncike kwiPirates ngoba usengumdla­li wayo,” kusho uMakaab.

UGcaba uke wamatanisw­a naMaZulu neMaritzbu­rg United okungamaqe­mbu aKwaZulu-Natal (KZN) okuyisifun­dazwe azalelwe kusona.

Lesi sitobha sifike kweZimnyam­a ngo-2012 sisuka kwiFree State Stars. KwiPirates sinqobe isicoco seNedbank Cup saphinde safinyelel­a kowamanqam­u weCaf Champions League neCaf Confederat­ion Cup.

UGcaba ukwazi ukudlala izindawo eziningi. Uyakwazi ukuyibamba phakathi nenkundla emuva nangakweso­kunxele emuva.

Selokhu kufike umqeqeshi omusha uMilutin “Micho” Sredojevic akalitholi ijezi. Ukufika kukaDiamon­d Thopola kwiPirates kusho ukuthi uGcaba usazoqhube­ka nokuba wukudla kwebhentsh­i uma ehlala ngoba uNtsikelel­o Nyauza usezongena phakathi nenkundla emuva.

UThopola ujoyine iPirates ngesonto eledlule esuka kwiChippa United.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? ISITOBHA se-Orlando Pirates u-Ayanda Gcaba okuvela ukuthi usefake isicelo sokushiya ngenxa yebhentshi
Isithombe: BACKPAGEPI­X ISITOBHA se-Orlando Pirates u-Ayanda Gcaba okuvela ukuthi usefake isicelo sokushiya ngenxa yebhentshi
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa