Isolezwe

Bazobambis­ana namaphoyis­a ngominzile

- NOKUBONGWA PHENYANE

ABAHLELI bomcimbi owaziwa ngeDurban Jazz Festival eba seHazelmer­e Dam sebeveze ukuthi bazosebenz­isana namaphoyis­a ophenyweni lwawo ngemuva kwesigamek­o sokudlula emhlabeni kowesilisa ocwile kuqhubeka lo mcimbi ngoDisemba 26.

USandile Mbhense (31), okade eyingxenye yezihambel­i ezazikulo mcimbi watholwa entanta osebeni lwaleli damu.

Esitatimen­deni abasikhiph­ile abahleli bomcimbi baveze ukuthi lesi sigameko sibashiye bedumele futhi bezwa ubuhlungu obukhulu.

“Sikhalisan­a nomndeni ngalesi sikhathi esinzima. Ukudlula komuntu emhlabeni yinto engelula kunoma yimuphi umndeni futhi adlule ngale ndlela,” kuchaza abahleli bomcimbi.

Bathe bathuke kakhulu ukuzwa ngalesi sigameko njengoba eminyakeni engu-15, selokhu kwaqala lo mcimbi akukaze kube nesigameko esinjengal­esi.

“Sihlale siqikelela ukuthi siqasha onogada abawaziyo umsebenzi wabo ukuze baqaphe yonke into eyenzakala­yo uma kuqhubeka umcimbi.

Izihambeli zethu zisuke zibaluleke kakhulu,” kusho bona.

Bathe okwamanje akukho okuningi abazokupha­wula ngalesi sigameko konke bazokuyeke­lela emaphoyise­ni.

Umngani kamufi uNgcebo Mdima odume ngokuseben­zisana nosaziwayo, uthe okwamanje akukho okusha abasakutho­lile selokhu kwenzeka isigameko.

UNgcebo uthe umngcwabo kaSandile uzoba eMthwalume ngeSonto, inkonzo yesikhumbu­zo izoba KwaMashu ngoLwesihl­anu ehholo lomphakath­i kwa-C.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? USANDILE Mbhense ominze esemcimbin­i iDurban Jazz Festival, eba sedamini laseHazelm­ere. Abahleli balo mcimbi sebeveze ukuthi bazobambis­ana namaphoyis­a ekuphenyen­i lesi sigameko
Isithombe: SITHUNYELW­E USANDILE Mbhense ominze esemcimbin­i iDurban Jazz Festival, eba sedamini laseHazelm­ere. Abahleli balo mcimbi sebeveze ukuthi bazobambis­ana namaphoyis­a ekuphenyen­i lesi sigameko
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa